
Linda Ximba
Ushisa phansi umbango wesikhundla sikamengameli weSAFA njengoba ingqungquthela okuzokhethwa kuyo isisemome. Le ngqungquthela kulindeleke ukuthi ibanjwe ngenyanga ezayo. Lesi sikhundla okwamanje siphethwe nguDanny Jordaan.
Usopolitiki kanye nomqondisi webhola ongumakadebona uJordaan usebambe izintambo kwi-Safa kusukela ngonyaka ka-2013 kanti ufuna ihlandla lesithathu.
Kodwa kunenkulumo uJordaan usehlale isikhathi eside.
Kubukeka sengathi labo abafuna aphume uJordaan babhekane nomqansa.
NgoLwesibili uRia Ledwaba uphoqeleke ukuthi angayi esithangamini sabezindaba ngemuva kokusatshiswa i-Safa ngokuthi izomxosha uma ephumela obala ngokuthi uzongenela ukhetho.
Kunalokho ummeli wakhe uLerumo Thobejane ukhulume esithangamini sabezindaba e-Nelson Mandela Foundation eGoli.
“Ngitshela uRia ukuthi akukho okumvimbayo ukuthi eze lapha ezokhuluma nezinhlaka zomphakathi, kodwa inkinga usezoxoshwa kwi-Safa,” kusho uThobejane.
Uthe unqume ukulwa nokuxoshwa kwakhe enkantolo.
“Njengommeli angifuni ukumosha isikhathi ngilwa nokuxoshwa kwakhe kodwa ngifuna kugcinwe ukuqokwa kwakhe,” kusho ummeli.
Owayengumqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba kanye nesilomo sebhola likanobhutshuzwayo uDoctor Khumalo sebephumele obala ngokweseka uLedwaba oyiphini likaMengameli we-Safa nowayengumnikazi weqembu lebhola i-Ria Stars ngeminyaka yama-90s.
“UJordaan ukhuluma kanjani nawe ngezinhlelo zebhola ekubeni engalazi ibhola?” kubuza uMashaba.
“Noma ngubani othatha izintambo sifuna ukubona indlela entsha.”
Ekhuluma emcimbini wokukhankasela uRia Ledwaba, uKhumalo uthe ngesikhathi beya e-DRC baphila izinsuku ezinhlanu nge-Coke nesinkwa ngoba babengakwazi ukudla.
“Kungani okuthandwa nguShakes kungeke kube ingxenye yesakhiwo? Singalindela kanjani ukuthi ibhola libe ngcono eNingizimu Afrika uma abantu abahamba endleleni bengakwazi ukuba ingxenye yayo?”