Ushintsho luyadingeka kwelombhoxo

NgoMgqibelo odlule, babalelwa ku-43,000 abantu abaye enkundleni i-Loftus Versveld kanti babalelwa ku-5,000 abantu abaya enkundleni i-Emirates Park. Isizathu salokho silula kakhulu, kubhala uLucky Maree.

Ngesikhathi uVictor Matfield ephawula ngomdlalo omuhle webhola lombhoxo phakathi kwama-Stormers nama-Bulls odlalwe ngempelasonto ePitoli, ubengawuvali umlomo ngenqwaba yabantu abebeze enkundleni i-Loftus Versveld.

UMatfield oyinkakha ebholeni lombhoxo nodlalela ama-Bulls namaBhokobhoko, ubesanda kubuka iqembu lakhe lihlulwa kwi-United Rugby Championship libhekene nama-Stormers, kodwa ubejabule kakhulu ukubona abalandeli begcwele inkundla.

Bekuyinto enhle ukubuka abalandeli abaningi ikakhulukazi abagqoke umbala oluhlaza okwesibhakabhaka namajezi anemigqa bezijabulisa futhi bejabulela ibhola lombhoxo.

Emahoreni amabili ngaphambi komdlalo ezansi komgwaqo waseGoli, isixuku esincane sama-lions senze konke okusemandleni ukukhombisa ukweseka iqembu labo bephephezelisa amafulegi benza nomsindo othi “whoop-whoop” uma ikhamera ivela ngakubona. Enkundleni konke lokho bekuhamba kahle njengoba ama-Sharks nama-Lions abegijima ehla enyuka. 

Ngo-1995 iqembu lomculo iLadysmith Black Mambazo noPJ Powers bacula ingoma ethi “The World in Union” njengeculo leNdebe Yomhlaba Yebhola lombhoxo. Bekuwumculo ojabulisa kakhulu njalo uma uzwakala.

Ngonyaka ka-2010, uPJ Powers wacula ingoma enkundleni i-Ellis Park futhi wakwenza lokhu ngaphambi komdlalo we-Super Rugby. Wacula le ngoma ehambisana namakhasethi e-sound system engeyinhle kangako, ecula phambi kwabantu ababezibuza ukuthi wenzani. UPowers oyingcweti wayicula ingoma ngayo yonke intshisekelo ayenayo. Eseqedile akushawanga ngisho nehlombe, wakhothama waqoqa i-mic yakhe wahamba. Kwakuyisenzakalo esidabukisayo impela. 

Ngalezo zinsuku bekunezinkulumo mpikiswano mayelana nendlela yokuheha abantu ukuthi baye emidlalweni yebhola lombhoxo.

Abahleli ngokungangabazeki belalela izinhlangano zabo zokukhangisa, bazama amantombazane amahle adansa neziqhumane kanye nezithuthuthu enkundleni.

Amanani amathikithi abeyinto enkulu. Futhi ukuwehlisa indlela abiza ngayo bekuyicebo ababelicabanga. Kodwa izinyunyana zazikhala ngokuthi zizolahlekelwa yimali eningi uma zibala ngenani labantu abangu-50 000 nakuba izihlalo eziningi zazingenamuntu enkundleni.

Abahleli babesola umabonakude ngoba  abantu angeke beze enkundleni uma bezokwazi ukubuka lo mdlalo kumabonakude.

Iqiniso liwukuthi babengakwazi kuqala futhi namanje abakwazi ukuheha abalandeli ukuthi bahambe bayobuka ibhola lombhoxo elibi ngisho noma ungabakhokhela.

Iphuzu belingeke livezwe kangcono kunempelasonto edlule. E-Loftus kube umdlalo omuhle webhola lombhoxo ocishe waba nezihlalo ezigcwele. Obuse-Airline Park ubungenabo abalandeli abaningi futhi womabili amaqembu abengazimisele.

Yini le abangayiqondi abahleli? Akudingeki amantombazane adansayo ngoba uma abantu befuna amantombazane embukisweni baya e-Sun City. Uma befuna izithuthuthu baya e-Kyalami.

Uma benikezwa umdlalo webhola lombhoxo osezingeni eliphezulu izihlwele zizoya ezinkundleni. Ngiyabonga John Dobson, ngiyabonga Jake White, ngibonge abadlali be-Stormers nama-Bulls yibo abazogcwalisa izinkundla.

Isithombe esingenhla: Isixuku ebesigcwele e-Loftus sibukele Izinkunzi zidlala nama-Stormers.

Umthombo wesithombe: Facebook: Vodacom Bulls

Izihloko zakamuva