UShenge ngeke abekhona kungena uMisuzulu esibayeni

Celani Sikhakhane

ISilo uMisuzulu KaZwelithini uzokwenza isiko lokungena esibayeni ngaphandle kukandunankulu wakhe inkosi uMangosuthu Buthelezi ngenxa yokuthi ubambekile.

Lo mcimbi uzokwenziwa ngoMgqibelo lapho okuzobikelwa khona amadlozi asebukhosini bakaZulu ukuthi iSilo uMisuzulu ungene esihlalweni sobukhosi ngemuva kokukhothama kukayise uZwelithini KaBhekuzulu.

Esitatimendeni uButhelezi uthe umcimbi akuwona owokubekwa kweSilo njengoba abanye becabanga kanjalo.

“Kuyadabukisa ukuthi ngenxa yeminyaka yami nobuthakathaka bami ngeke ngikwazi ukuphelezela iSilo uma sihamba sisuka esigodlweni saKwaKhangelamankengana siya esibayeni ngoba kukude kakhulu. Kodwa-ke, ngikubheke ngabomvu ukubona lo mcimbi uba impumelelo,” esho.

Uphinde wachaza ukuthi amalungu athile akhethiwe omndeni wasebukhosini kuphela azovunyelwa ukungena neSilo uMisuzulu esibayeni, ngenxa yobukhulu baso obulingene inani elithile.

Uphinde waveza nokuthi amalungu obukhosi base-Swatini azophelezela iSilo iNdlulamithi okuyigama iSilo uMisuzulu aziwa ngalo selokhu athatha isihlalo sobukhosi.

ISilo uMisuzulu uhlabe indlulamithi eyodwa esigodlweni sakhe sasoPhongolo eMachobeni ngesonto eledlule.

Uyise wayaziwa ngelikaBhejane Phuma Esiqiwini.

Isiko lesibaya lizokwenziwa ngoLwesihlanu. Umcimbi omkhulu uzolandela ngoMgqibelo kanti uzovuleleka kuwo wonke umphakathi.

Isizwe samaZulu ezindaweni ezahlukene kulindeleke ukuthi sehlele ehlalankosi kwaNongoma ngoLwesihlanu.

Abanye osomatekisi baveze ukuthi bazothutha abantu mahhala besuka eGoli beya kwaNongoma.

Amahhotela, izindlu zezivakashi kanye nama-BnB zonke zigcwele enyakatho yeKZN njengoba kunezivakashi ezihambele lo mcimbi.

UButhelezi uthe umcimbi uzolandelwa ukugcotshwa kweSilo okuzoba enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida eThekwini, ngosuku olusazomenyezelwa.

I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi iSilo uMisuzulu uphakamise ukuthi umcimbi wokugcotshwa kwakhe ube ngomhlaka-23 kuMandulo ukuze uqondane nosuku lwakhe lokuzalwa kanye nosuku lokukhumbula ukhokho wakhe iNkosi uShaka.

Izihloko zakamuva