Ushelby Rogers ohlulwe kwi-US Open ubhekene nokuhlukumezeka ezinkundleni zokuxhumana

Dylan Bettencourt

Ushelby Rogers angeke nje abhekane kuphela nobuhlungu bokungawini kwi-grand slam ngesikhathi edlala ekhaya lakhe kwi-US Open, kodwa uzobhekana nokuhlukunyezwa ezinkundleni zokuxhumana.

Lo mdlali waseMelika odlala ithenisi uhlulwe ngemiphumela ethi- 6-2, 6-1 edlala no-Emma Raducanu ngoMsombuluko.

Ukuhlulwa kwakhe kuzokhombisa ubuhle nobubi kwezinkundla zokuxhumana ngemuva kokuba anconywe ngokuhlula umpetha wethenisi u-Ashleigh Barty ngempelasonto.

Uthe uyakujabulela ukunconywa abantu uma ewinile.

“Kodwa namhlanje ngizothola ukusatshiswa okuyizigidi” kusho Shelby.

“Kuzosuka kokunye kuye kwelinye izinga ngokushesha” futhi lokho kuzofaka ingcindezi okufanele ngabe kade ayijwayela.

“Kodwa ngifisa ngabe izinkundla zokuxhumana azikho”.

Uthe izinkundla zokuxhumana seziyindlela ebalulekile lapho abasubathi bemakhetha umkhiqizo wabo baphinde baphakamise udumo labo.

URoger uthe utsheliwe ukuba azibe ukuphawula kwabantu okuyinzondo, kodwa abanye abaphawulayo bamuphatha kabuhlungu uRoger.

Oqhamuka ngakubo uSloane Stephen uthe uthole imiyalezo yamakhulu abantu abadiniwe ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuhlulwa kwakhe kwihlandla lesithathi kwithonamenti.

Uthe imiyalezo ebiphuma kubantu eminye yabo ibiveza ubandlululo eminye ibiveza izithombe ezicwasa ngokobulili.

Ukuhlukumezeka kwengqondo sekuyinto ebalulekile ezindaweni zemidlalo selokhu kwafika i-Covid-19, njengoba i-US Open inikezana ngosizo lokusiza laba abahlukumezekile. Ukuhlukumezeka okwenzeka ezinkundleni zokuxhumana abakwazi ukusisiza ngakho.

Umncintiswano wabantu besifazane usufike kwikota lamanqamu njengoba umdlalo wamanqamu uzoba ngoMgqibelo.

Umthombo wesithombe: @SkySports

Izihloko zakamuva