UShebeshxt uzokhipha umculo omusha ngemuva kwengozi yemoto

Lubhalwe nguRorisang Modiba

UShebeshxt usebuyele ekwenzeni umculo ngemuva kwengozi yemoto ngoNhlangulana eyabulala indodakazi yakhe eneminyaka eyisishiyagalolunye, u-Onthatile.

UShebeshxt wabelane nezwe ku-X: “Kuyiqiniso sizokhipha izingoma ezintsha ngesonto elizayo.”

Lo mrepha waseLimpopo uzokwethula ingoma ethi “Gibela iMoto” nethi no”Motliseni Patleni” ememezela ngokusemthethweni ukubuya kwakhe.

Lezi zingoma ziza ngemuva kokuthi uShebeshxt engene ezinkundleni zokuxhumana ezwakalisa ukubonga ngemikhuleko nokwesekwa akuthole kubalandeli ngesikhathi sakhe sobunzima.

UShebeshxt ogama lakhe langempela uLehlogonolo Katlego Chauke uchithe amasonto amabili esibhedlela ngemuva kwengozi eyenzeke ku-R37 ngaseSmelters Mine eLimpopo kanti nentombi yakhe yasinda.

Lo mculi ubeyocula kumbuthano we-ANC iSiyanqoba Rally.

Okhulumela iNational Prosecuting Authority uMashudu Malabi-Dzhangi uthe sekuqalwe uphenyo lokubulala ngokungenhloso.

UShebeshxt ungaphandle ngebheyili kanti kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze nje.

Isithombe esingenhla: UShebeshxt.

Umthombo: Instagram

Izihloko zakamuva