Lubhalwe nguRorisang Modiba
Umculi uShebeshxt kusolakala ukuthi ujola nentombazane eneminyaka engu-17 ubudala.
Ingxoxo yocingo eputshukile phakathi kwentombi yakhe nentombazane iveze ukuthi kukhona okusolakala ukuthi bayathandana.
UShebeshxt, ogama lakhe langempela nguLehlogonolo Chauke, ungundabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumani hhayi ngomculo wakhe.
Lo mculi ongowokuzalwa eLimpopo usolwa ngokujolela intombi yakhe, uKholofelo, nentombazane eneminyaka engu-17 ubudala okuthiwa uMadesh.
Konke kuvele ku-inthanethi ngemuva kokuputshuka kocingo phakathi kwalaba besifazane ababili. Kule ngxoxo uKholofelo noMadesh bayamemezana bajikijelana ngezinhlamba.
Kungakapheli sikhathi esingakanani kungene ucingo, uKholofelo ungene bukhoma ezinkundleni zokuxhumanaa ehlengezela izinyembezi.
Uthe ulimele futhi udidekile ngakho konke okwenzekile.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana bakhombisa ukumeseka uKholofelo futhi bagxeka uShebeshxt ngokuzihlanganisa nomuntu osemncane kangaka.
Abanye bathi abaculi abadala abathandana namantombazane asemancane bayingxenye enkulu yezinkinga zezwe zokudlwengulwa nokuhlukunyezwa ngokobulili.
“UShebeshxt kumele aphendule,” kubhala omunye.
Esithombeni esingenhla: UShebeshxt.
Umthombo wesithombe: official.shebeshxt