UShebeshxt ungene ezikweletini-R2-million ngemuva kokushona kwendodakazi

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Isihlabani saseLimpopo sithi sicwila ezikweletini nakuba siqoqe u-R500 000 ngeminikelo ngemuva kwengozi yemoto.

UShebeshxt uyazisola ngokungasebenzi ngemuva kwengozi futhi manje kufanele akhokhele abaphromotha izigidi ngamagigi amuphuthele.

Yize abalandeli bakhe bemxhase ngezimali ukuze basize ekukhokheleni isikweletu sakhe, isihlabani somculo saseLimpopo asikaphumi enkingeni yezimali.

UShebeshxt uvule isifuba ngezinkinga zakhe zemali kulandela ukushonelwa yindodakazi yakhe engozini yemoto ngoNhlangulana.

Lo mculi, ogama lakhe langempela nguLehlogonolo Chauke, uthi usenezikweletu zika-R2-million, yize abalandeli benikele ngo-R500 000 kwinhlanhlgano yendodakazi yakhe.

“Benginesikweletylu sika-R2-million. Manje nginesigidi ngemuva kokwenza u-R500,000 ngenhlangano yendodakazu yami, engakabi nawo amaphepha afanele,” etshela iZimoja.

Yize enza sengathi konke kuhamba kahle, uShebeshxt uthi udonsa kanzima ukuze akwazi ukuziphilisa.

“Selokhu ngibuyile, kubukeka sengathi nginemali, kodwa bengidonsa kanzima,” kusho uShebeshxt.

Iphutha lakhe elikhulu uthi kube ukulalela abantu bethi angaculi ngemuva kwengozi.

“Engizisola kakhulu ngakho selokhu ngibuyile esibhedlela ukulalela abantu bengeluleka ngokuthi ngingayihambeli imicimbi engisuke ngimenywe ukuthi ngiyonandisa kuyo ngoba azongicekela phansi. Ngisakweleta abantu abaningi ababengicele ukuba ngizocua emcimbini yabo ngaphambi kwengozi,” usho kanje.

Manje sekumele akhokhele abagqugquzeli bemicimbi ngazo zonke izinhlelo aphuthelwe kuzo.

“Basebenzisa igama lendodakazi yami ukuze bagxile ekubuyeni kukaShebeshxt, okungibuke u-R500,000 kuphela nanje ngisele nezikweletu,” kusho yena. “Ngemva kwaleyo ngozi enyantisayo kwakudingeka ngime ukusebenza manje kumele ngibuyisele imali engaphezu kwezigidi. Kodwa uNkulunkulu kuphela owaziyo.”

Uzakwabo womculi waseLimpopo uMakhadzi usecele ukusiza, wathi uyawathanda amandla akhe futhi uzokhuluma naye ngasese ngokuthi angasiza kanjani.

UShebeshxt uthi akafuni imali noma isihawu ufuna nje ukutshela abanye ngobuhlungu bakhe.

Esithombeni esingenhla: UShebeshxt.

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva