UShebeshxt unengwa uDJ Maphorisa kwi-podcast kaL-Tido 

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Ngesikhathi ekhuluma kwi-podcast kaL-Tido, uShebeshxt ongumculi waseLimpopo ubuze uDJ Maphorisa ngengoma yakhe ethi “Twerka”.

UShebeshxt ugxeke umdidiyeli waseNingizimu Afrika uDJ Maphorisa ngokungamtsheli yonke imniningwane ngengoma asebenze kuyo noXduppy.

Kusolwa ukuthi wehlulekile ukubatshela ngosuku lokukhishwa kwengoma kanti uShebeshxt uthole lokhu ku-inthanethi.

Lesi simo siholele ekutheni kusuke umsindo ku-X abantu abaningi bezwakalise ukuphoxeka ngoDJ Maphorisa bemsola ngokungaziphathi kahle.

“UMaphorisa kade ayentshontshela abaculi abasebancane kodwa ngebhadi kulokhu untshontshele isigebengu. Abantu basamangala uma uMaphorisa eqola abantu? Yoh,” kubhala omunye ku-X.

Isithombe esingenhla: UShebeshxt.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva