UShebeshxt amlinde ngabomvu amaphoyisa ase –Botswana ukuze amvalele

Lubhalwe nguRorisang Modiba

UShebeshxt ubhekene nengalo yomthetho njengoba engafikanga emcimbini abesekhokhelwe ngawo.

Abahleli bomcimbi iBoxyard Events bafake isimangalo ngoShebeshxt, umculi waseNingizimu Afrika eLimpopo, ogama lakhe langempela uLehlogonolo Katlego Chauke.

Kukhishwe incwadi yesikhashana eNkantolo yeMantshi eLobatse ekuveza ngokusobala ukuthi uma engangena eBotswana angazithola eseboshwa emajele aseBotswana Prisons Service Facility.

Umngani uthe uShebeshxt ukujwayele ukuboshwa.

“Kodwa akafuni ukuya ejele ngenxa yokuhluleka ukufika emcimbini akhokhelwe kuwo noma ukuphucwa i-passport,” kusho umngani.

Lesi sigameko singesinye sokuhluleka kwalo mculi ukufika emcimbini akhokhelwe ngayo. NgoZibandlela akazange alubhade emcimbini weRed Square DJ Knock-Out noSkomota ngemuva kokuthola inkokhelo ephelele ka-R45 000 nokuholele ekutheni lo mcimbi ubhuntshe.

Isithombe esingenhla: UShebeshxt.

Umthombo wesithombe: Instagram

Izihloko zakamuva