Ushe wangqongqa oneminyaka engama-27

Mmaditaba

Sizwelana kakhulu no-Itumeleng Khune nomndeni wakwaKhune. U-Itumeleng ulahlekelwe ngudadewabo uMapula Khune ngomlilo namhlanje ekuseni.

Ngokubika kwe-Daily Sun lo owesifazane oneminyaka engama-27 ushe ngendlela engaziwa namhlanje ekuseni ngesikhathi igumbi abehlala kulo lisha liba ngumlotha.

Kuvulwe idokodo esiteshi samaphoyisa e-Ventersdorp.

Imininingwane ephathelene nokushona kwakhe isaphenywa.