Ushaywe waze washona odayisa emgwaqeni

Kamogelo Olaitan

Umdayisi wase-Nigeria ushaywe waze washona emini kabha ngoLwesihlanu emgwaqeni edolobheni elincane lase-Italy phambi kwesixuku sabantu.

Lokhu kuhlasela kuthukuthelise abaningi abakholwa ukuthi kudalwe ukucwasa ngokwebala.

Lesi sigameko, edolobheni elisolwandle i-Civitanova Marche, sithwetshulwe umuntu obebukela. Ababukele bazwakala bencenga umsolwa ukuthi ayeke ukushaya isisulu, kodwa akekho oye wangenelela ukusindisa u-Alika Ogochukwu.

Kule vidiyo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana, umhlaseli ubonakala ethatha udondolo luka-Ogochukwu emshaya ngalo ngaphambi kokuthi amwisele phansi. Ubonakala egibela phezu kwakhe emshaye ngezandla u-Ogochukwu waze washona.

Amaphoyisa aze abizwa ngemuva kokuthi umsolwa ahambe endaweni yesigameko.

Ngesikhathi kunombhikisho endaweni yesigameko ngoMgqibelo, unkosikazi kamufi uCharity Oriachi uthe: “engikufunayo nje ubulungiswa ngomyeni wami”.

Kusolakala ukuthi umsolwa ukhwele wadilika kwisisulu ngemuva kwesicelo sika-Ogochukwu sokuthi umsolwa amshintshele imali.

Imibiko ithi u-Ogochukwu ongubaba wezingane ezimbili, uqale ukudayisa emgwaqeni ngemuva kokushayiswa imoto okwamenza waphelelwa umsebenzi ngenxa yokulimala.

IMeya uFabrizio Ciarapica uhlangane namalungu omphakathi wase-Nigeria ngemuva kokuthi amakhulu ebhikishe endaweni okwenzeke kuyo isigameko ngoMgqibelo.

Utshele isiteshi sezindaba i-Sky TG24 ukuthi lesi sigameko sishaqise izakhamizi.

“Ukugxeka kwami akukona nje kuphela ubugebengu kodwa kumayelana nokunganaki,” kusho uCiarapica.

Umphenyi wamaphoyisa uMatteo Luconi usiqinisekisile lesi sigameko wathi babophe umsolwa wesilisa ogama lakhe nguFillipo Ferlazzo (32), obhekene necala lokubulala.

Uthe amaphoyisa akwazile ukulandelela umsolwa esebenzisa amakhamera asemgwaqweni.

“Isimo sisobala. Ingxabano ibukeka iqale ngento engathi shu, hhayi ukucwasa ngokwebala,” asho kanje.

Izihloko zakamuva