Ushaywe umphakathi washona obesolwa ngokudlwengula ingane  

Lubhalwe nguLungani Zungu

Owesilisa oneminyaka engu-33 ubudala ube isisulu sobulungiswa ngemuva kwezinsolo zokuthi ubanjwe edlwengula intombazanyana eneminyaka emithathu.

Intombazane yaseMlazi kwa-H ibidlala egcekeni lakubo ngeSonto ngesikhathi umakhelwane wayo uMlungisi Sibisi eyiyengela emjondolo wakhe onekamelo elilodwa nokuyilapho okusolakala ukuthi wayidlwengula khona wabe eseyinika u-R5 wokuthenga ama-chips.

Umama wengane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi indodakazi yakhe ibidlala egcekeni ngesikhathi epheka ekhishini.

“Ngesikhathi ngibona ukuthi akekho ngaphandle inhliziyo yami ivele yagxuma ngenxa yovalo engangiluzwa.

 Ngizizwe ngiyisahluleki sikamama.”

Ngesikhathi ebona ukuthi indodakazi yakhe ayitholakali uqale ukuyifuna ehamba engena indlu ngendlu ehamba nezinye izakhamuzi.

Isakhamuzi uThami Ngcobo obone uSibisi engenisa ingane emjondolo wakhe utshele izakhamuzi ngakubonile.

Isixuku saqoqana ngokushesha sagasela emjondolo kaSibisi nokuyilapho abafice khona intombazanyana isendlini naye.

Isixuku sibe sesiqala ukugadla kuSibisi isicelo sakhe sokuxolelwa sawela ezindlebeni ezingezwa bamushaya waze washona.

“Intombazane esencane ibiyopha ngemuva kwesigameko.

Ibiphethe u-R5 ezandleni zayo ezincane abewunikwe nguSibisi ngemuva kokuyidlwengula,” kusho umholi womphakathi uMnu Mxolisi Mbhele obeyingxenye yokuthungatha.

UMbhele uthe ubone ngawakhe uSibisi ebulawa futhi uthe uzamile ukunxenxa amalungu omphakathi ukuthi avumele amaphoyisa abhekane naye.

“Sizamile ukungenelela sacela izakhamuzi ukuthi zidedele umsolwa emaphoyiseni,kodwa lokhu akusizanga,” kusho uMbhele.

Intombazanyana engeke idalulwe igama layo ukuze ivikeleke iphuthunyiswe esibhedlela e-Prince Mshiyeni Memorial eMlazi okuyilapho inakekelwa khona.

Umndeni kaSibisi wenqabile ukuphawula ngalolu daba.

Amaphoyisa asiqinisekisile isigameko.

Izihloko zakamuva