
Dylan Bettencourt
Ushaye utshani owesilisa wase-Japan obesamangele ebona u-R5.8 million kwi-akhawunti yakhe ophuma esikhwameni semali ye-Covid-19.
Idolobha lase-Japan i-Abu licasulwe ukuthi le mali yathunyelwa ngephutha kowesilisa obaleke nayo kunokuba azise iziphathimandla.
Imibiko iveza ukuthi lo mlisa wadlulisela imali encane kuma-akhawunti ahlukene ngaphambi kokunyamalala ngokusho kwe-Business Insider.
Le mali bekuhloswe ngayo ukusiza imindeni elinganiselwa ku-436 ebikhahlanyezwe i-Covid-19.
Ngesikhathi umsolwa oneminyaka engu-24 ebuzwa ukuthi ikuphi le mali uthe isiphelile yonke.
“Zonke izimali bezifakwe kwi-akhawunti ngesinye isikhungo sezimali,” etshela abezindaba ze-SoraNews24.
“Angikwazi ukubuyisela imali kwi-akhawunti yokuqala. Ngizolilungisa icala lami.”
Umsolwa wafakwa enkantolo ngomhlaka-12 kuNhlaba kodwa useze wabaleka emzini wakhe futhi amaphoyisa ayahluleka ukumthola.
Iphutha lenzekile njengoba igama lakhe beliphezulu ohlwini lwalabo okwakuthiwa bazohlomula imali.
Lo mlisa okukhulunywa ngaye uchazwe njengomuntu olungile ongakaze abe senkingeni uze wakhokha imali yerenti lapho ehlala khona yangoNhlaba ngaphambi kokunyamalala.
Nokho ummeli wakhe uthe lo wesilisa wagembula yonke imali ngomakhalekhukhwini wakhe.
“Okwamanje anginayo imali futhi anginalutho olunenani lempahla esandleni. Empeleni kunzima ukuyibuyisela lemali,” ummeli wakhe egcizelela akusho, ngokusho kwe-Asahi Shimbun.
Uhulumeni kuMasipala wase-Abu umangalele umsolwa ngo-R6 million ohlanganisa nezindleko zomthetho.
IMeya uNorihiko Hanada utshele izakhamuzi ukuthi uyaxolisa kakhulu ngaleli phutha nokuthi ihhovisi lakhe “lizokwenza konke okusemandleni ukubuyisela isamba esikhulu semali yomphakathi.”
Idolobha selikhiphe enye imali engu-R5.8 million emizini ethintekile umuntu ngamunye uthole u-R12,200.
Umthombo wesithombe: @BusinessInsider