Ushawe ngezitswebhu umgibeli obengenayo imali yokukhokhela umshana wakhe

Doreen Mokgolo

Ngesikhathi umashali wamatekisi etshela unkosazane uMotlalepule Tloome ukuthi akakhokhele umshana wakhe oneminyaka emithathu imali ephelele yokugibela itekisi, ube usenquma ukuluhoxisa uhambo ngoba ubengenayo imali yokukhokhela umshana wakhe.

Lokhu kucasule abashayeli bamatekisi erenki i-Noord Taxi enkabeni yedolobha laseGoli ngoLwesibili.

Baqala ukumthuka phambi kwengane encane nabanye abagibeli.

UMotlalepule oneminyaka engama-32, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abashayeli bamatekisi abayisishiyagalombili base-Majakathata, abebephethe izitswebhu, baqale ukumbhaxabula futhi bemkhahlela.

“Isono sami kube ukutshela umphathi wamatekisi ukuthi bengazi ukuthi izingane ezineminyaka emithathu nangaphansi aziyikhokhi imali yokugibela ngamtshela ukuthi ngiyaluhoxisa uhambo lwami lokuya e-Welkom,” kusho yena.

Uqhube wathi uzamile ukukhuluma nomshayeli wetekisi onqabile ukuzwa isizathu wathi akakhokhe yonke imali yokugibela imali engama-250 wamarandi

Uqhube wathi uzamile ukuchazela umshayeli ukuthi akanayo imali yokugibela wacela ukuthi ahoxise uhambo lwakhe futhi akhokhelwe imali yokugibela.

“Wacasuka waqala ukungibiza ngamagama. Ngamncenga ukuthi angibuyisele imali yami, kodwa lokho kwamcasula kakhulu waze wangishaya ngempama ebusweni.

“Ngithe ngingalindele umashali wamatekisi obehlome ngesitswebhu uqale ukungithuka waqhubeka nokungishaya,” engeza.

Iqulu labanye abashayeli nalo kuthiwa lingene kulesi sigameko lashaya lo wesifazane laze lamyeka ngesikhathi esezenza sengathi ushonile.

“Ngibone impilo yami ishabalala phambi kwami ngase ngizitshela ukuthi ngizoshona ngoba akekho obezama ukungihlenga,” engeza.

UMotlalepule ulimale ekhanda nendlebe yangakwesokunxele ayisasebenzi.

Uthi usehlala ovalweni lokuthi umsolwa angase azame ukumbulala njengoba esebikele amaphoyisa.

I-Majakathata Taxi Association inqabile ukuphawula yathi lolu daba lungaphansi kophenyo lwamaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Gauteng, ukaputeni uKay Makhubela, ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokushaya.

“Akekho osaboshiwe okwamanje kanti uphenyo lusaqhubeka,” engeza.

Izihloko zakamuva