Lubhalwe nguLungi Langa
Umndeni wentombazane esencane ehamba nezintombi zomhlanga etholwe ilenga esihlahleni awukholwa ukuthi izibulele.
Le ntokazi yakwaDabhazi KwaNongoma KwaZulu-Natal itholwe ilenga ngothayi esihlahleni.
UBongeka Nomonde Khumalo (17) obeyintombi nto ejwayele ukuhamba nezintombi beya emhlangeni utholwe ngoLwesihlanu elenga esihlahleni.
UNomonde ubefunda ibanga lesishiyagalombili esikoleni samabanga aphezulu e-Nkowane.
Umalume wakhe uNtokozo Ndwandwe uthe isidumbu sikaBongeka sitholwe abafundi abebephuma esikoleni bedlula ehlathini.
“Izingane zesikole zazise abadala abakwazi ukufinyelela kule ndawo abekuyo ngokushesha. Siphuthume khona samthola elenga esawugqokile umfaniswano wesikole, kodwa ayikho incwadi ayishiyile noma ipheshana elichaza ukuthi ukwenzeleni akwenzile,” kusho uNdwandwe.
Umndeni nomphakathi awukholwa ukuthi uzibulele. UNdwandwe uthe uthayi ubungaboshiwe entanyeni, kodwa ubungaphansi kwesilevu. Uthe naye ubevuza igazi emathangeni okwenza basole ukuthi kungenzeka ukuthi udlwenguliwe wabulawa.
Uthe banxusa amaphoyisa ukuthi aliphenye kahle leli cala angagcini nje ngokucabanga ukuthi elokuzibulala.
“Kungaba buhlungu uma amaphoyisa engaqhubeki nokuphenya ngalolu daba ngoba abenze lokhu ngeke bajeze,” kusho uNdwandwe.
UMningi Zuma ongumholi wezintombi kwaDabhasi uthe ukushona kukaBongeka kushiye umphakathi ushaqekile.
“Izingane ziyesaba ukuya esikoleni nasezitolo. Ukushona kwakhe kuza ngemuva kwezinye izigameko zokudlwengulwa kwamantombazane,” kusho uZuma.
“Sicela iNdlunkulu ingenelele isisize ngoba sinovalo lokuthi izintombi zisengcupheni. Sesaba ngisho nokubamba nomdanso noma amakhempu ezintombi ngezimpelasonto ngenxa yalezi zigameko.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aKwaNongoma aphenya icala lokubulala.
“Kuphenywa ngalesi sigameko,” kusho uGwala.
Osesithombeni esingenhla uBongeka Nomonde Khumalo
Umthombo wesithombe: Unikeziwe