Lubhalwe nguMichael Madyira
UPeter Shalulile ushaye amagoli amathathu wenza iMamelodi Sundowns yaya kuma-quarter-final e-Nedbank Cup ngemuva kokuhlula iMarumo Gallants ngo 3-1 enkundleni yezemidlalo i-Free State ngoMgqibelo.
Lo mdlali odabuka e-Namibia ushaye igoli lokuqala emizuzwini eyisishiyagalombili kuqale lo mdlalo ngaphambi kokuthi abuye azojezisa iGallants ngomzuzu ka-26 wabe esevala ngegoli alishaye ngekhanda sekusele imizuzu engu-16 ukuthi umdlalo uphele.
Igoli likaBoitumelo Pheko alishaye emizuzwini engu-33 elishayela iGallants alizange lanele ukugqilaza ompetha be-Nedbank Cup.
Ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokuthi i-Al Ahly ihlule iSundowns ngokuwina imidlalo engu-14 kuyo yonke imiqhudelwano, iSundowns ivuke yazicosha ngemuva kwalo mdlalo wase-Bloemfontein.
Ngosuku lwezinsolo eziqubuke ngokungaziphathi kahle ekhempini yayo, iSundowns ikushaye indiva lokho ngokuwina kanzima ibhekene neqembu eselithole isipiliyoni kwi-Caf Confederation Cup.
Umqeqeshi weSundowns uRhulani Mokwena uphumuze inqwaba yabadlali abajwayelekile wafaka abadlali abafana noSifiso Ngobeni, uBongani Zungu, uMosa Lebusa kanye nonozinti uDenis Onyango.
Osokhaya bebeswele usizo lomdlali wasemuva omqoka u-Ismael Olivier Toure, kwathi uLucky Mohomi wabuya ukuyobhekana nozakwabo bakudala.
ISundowns ikhiphe isexwayiso sokuqala ngokuzokwenzeka ngesikhathi uCassius Mailula ekhahlela ibhola elihle elivinjwe unozinti ophinde abe ukaputeni weGallants, uWashington
Arubi ngomzuzu wokuqala womdlalo.
Akuphelanga sikhathi esingakanani uShalulile washaya igoli lakhe ngemuva kokulawula ibhola ebelivela kuNeo Maena ukuze adlule ku-Arubi.
Lo mgadli wase-Namibia ube esethatha ibhola ebeligotshwe uThemba Zwane wase eshayela iSundowns igoli lesibili.
Amagoli amathathu bekufanele abonakale esiwombeni sokuqala njengoba iGallants ibiyehlise ifomu ngeshodi likaPheko elishaya u-Onyango obengaboni lutho.
UMohomi ubengasiza iqembu lakhe ukuthi lidlale ngokulingana ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini kodwa ibhola lakhe livinjwe uLebusa.
U-Arubi wenze umsebenzi oncomekayo ngesikhathi evimba ibhola likaNgobeni ngemuva nje kokuthi kuqale isiwombe sesibili.
UShalulile obengamakiwe ube eseshaya igoli lakhe ekhahlela i-free kick kaMaema eshaye phezu kwepali.
Lokho kuholele ekutheni iGallants isale nomsebenzi onzima wokuzibuyisela emqhudelwaneni.
Ukuhlenga okumangalisayo kuka-Onyango kuvimbe ishodi likaKatlego Otladisa ebelibheke ekhoneni eliphezulu ngaphambi kokuthi umzamo kaMaema udlulele phezu kwepali ngakolunye uhlangothi.
Okumangazayo ukuthi uMaema uqokwe njengomdlali ovelele kunoShalulile.
Esithombeni esingenhla: UPeter Shalulile
Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns