UShakira uhlaselwe izingulube ezimbili zasendle epaki lomphakathi

Arthur Greene

Umculi we-Pop uShakira uhlaselwe izingulube ezimbili zasendle epaki yase-Barcelona “ezihlwithe” isikhwama somculi ngaphambi kokusicekela phansi phambi kwakhe.

Lo mculi wase-Colombia-Lebanese ubehamba epaki e-Barcelona nendodana yakhe eneminyaka eyisishiyagalombili, uMilan, ngesikhathi ehlaselwa.

UShakira, ogama lakhe seliphelele nguShakira Isabel Mebarak Ripoll, uveze lesi sigameko kuvidiyo ayithumele ku-Instagram.

“Bukani ukuthi izingulube ezimbili zasendle, ezingihlasele epaki, zisishiye sinjani isikhwama sami,” usho kulesi siqeshana, ngenkathi ekhombisa ababukeli isikhwama semali esimoshekile.

“Bezibalekela ehlathini nesikhwama sami esinomakhalekhukhwini wami. Zicekele phansi yonke into”.

Izingulube, ikakhulukazi amaduna amadala, ziyakwazi ukulimaza abantu kakhulu.

Kodwa lezi zingulube bezingenamandla ukudlula umculi odumile othe kule vidiyo “ulwe” nazo:

“Milan khuluma iqiniso. Yisho ukuthi umama wakho umelane kanjani nengulube yasendle”.

UShakira wacula i- “Waka Waka”, okuyiculo elisemthethweni leNdebe yoMhlaba eyayibanjelwe eNingizimu Afrika ngowezi-2010.

Lesi sehlakalo sokuhlaselwa kosezingeni eliphezulu sidale umsindo ezinkundleni zokuxhumana, ngenkathi abasebenzisi abaningi bebona uhlangothi oluhlekisayo lwalesi sigameko esixakile.

Omunye wabasebenzisi ubhale wathi: “Kunengulube yasendle ehlala egumbini le-champagne esebenzisa umazisi kaShakira”.

Umthombo wesithombe: @TheSun

Izihloko zakamuva