UShaka iLembe luvalelise uThembinkosi Mthembu

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Inkosi uDingiswayo inyathelwe yizinkomo ngesihluku uZwide noNtombazi bebukele.

Ukwenza kahle kukaMthembu kumenze wanconywa abalandeli nabalingisi asebenza nabo ngemuva kokudlala isiqephu sakhe sokugcina.

Umlingisi uThembinkosi Mthembu useqede ngokusemthethweni umdlalo wakhe kushaka iLembe ngemuva kokwethula umdlalo oshubile othinta inhliziyo esiqeshini sesikhombisa.

Ubedlala indawo yenkosi uDingiswayo owabulawa ngesihluku lapho enyathelwe khona yizinkomo, uZwide (odlalwa nguWiseman Mncube) nonina uNtombazi (Khabonina Qubeka) bebukele.

UShaka (odlalwa nguLemogang Tsipa) ufike sekwephuzile ukuzohlenga umeluleki wakhe wasala edangele futhi ethukuthele egane unwabu.

Ukwenza kahle kukaThembinkosi isizini yonke kumenzele udumo.

NgoMfumfu, uklonyeliswe njengomlingisi ohamba phambili emdlalweni kamabonakude kuma-18th South African Film and Television Awards.

Ngemuva kwalesi siqephu abalandeli nabanye abalingisi bagcwale ezinkundleni zokuxhumana bencoma indlela adlale ngayo.

UBonko Khoza ongumlingisi uthe ubemkhonze kakhulu uThembinkosi kusukela alingisa indawo kaMabutho wambiza njengomunye wabalingisi abahamba phambili esizukulwaneni sakhe. “Uyasikhuthaza,” ebhala.

ULuthando “BU” Mthembu odlala noThembinkosi kwi-Adulting uqhube wathi: “Siyaziqhenya Ngoza, sizishaya isifuba ngawe.”

Osesithombeni esingenhla: UThembinkosi Mthembu.

Umthombo wesithombe: thembinkosi_mthembu

Izihloko zakamuva