Lubhalwe nguLucky Maree
Isigungu sokuqondisa izigwegwe sesikhiphe isinqumo sokuthi okwenziwe unompempe uJaco Peyper noMarius Jonker ngempelasonto bekungafanele kwenzeke.
“UFreddie Steward uzoqhubeka adlale imidlalo elandelayo nangaphezu kokuthola ikhadi elibomvu ngesikhathi bebhekene ne-Ireland,” kusho isitatimende sekomidi lokuqondisa izigwegwe.
Nakuba lolu daba selulungisiwe, kodwa akushintshi udaba lokuthi uSteward ongumdlali wasemuva obalulekile odlalela i-England akazange awuqede umdlalo ngenxa kaPeyper no-TMO Jonker abamkhiphele ikhadi elibomvu.
Laba bobabilili baphethe ngokuthi lo mdlali wephule umthetho ngesikhathi eshayisana nomdlali emahlombe.”
Ikomidi lithe kuningi okwenzekile okuhlanganisa nokuma komdlali omelene naye obekufanele kuholele ekukhishweni kwekhadi eliphuzi esikhundleni sekhadi elibomvu”.
Kuyajabjlisa ukuthi uSteward usezokhululeka ukudlalela i-Leicester Tigers kule mpelasonto, kodwa umdlalo we-Six Nations angeke esakwazi ukuwuphinda. Ayifani nomdlalo we-video game okwazi ukuwuqala phansi .
USteward uphuthelwe ingxenye yomdlalo okungenzeka ukuthi umdlalo obaluleke kakhulu empilweni yakhe kuze kube manje.
Ikuphi okwenziwe ikomidi ukukhombisa ukuxolisa kuSteward, akukho. Phela uSteward ungumdlali kuphela ngakho-ke, akabalulekile.
Uma kukhona isijeziso esizokhishelwa uPeyper noJonker ngeke sizwe ngaso.
Okufana nokubika izaba futhi okungakhombisi ukuzisola kwabo ingxenye yesitatimende efundeka kanje: “IKomidi liyakuqonda ukuthi abaphathi bomdlalo kumele bathathe izinqumo ngaphansi kwengcindezi kanye nokushisa okusuke kukhona enkundleni.”
Ngabe lokho kungahunyushwa ngokuthi abaphathi bomdlalo basebenza ngaphansi kwengcindezi yesixuku nomsindo okungaholela ekutheni benze amaphutha?
Nakulokhu kusakhombisa isibonelo sokuthi kungani uhlelo lwamakhadi kufanele kuvalwe ebholeni nokuthi abadlali bebhola lombhoxo kufanele kubhekwe amaphutha abo hhayi ukuthi bangakhishelwa ngaphandle enkundleni. Impela kukhona umuntu ku-World Rugby onekhono lokuvuma iphutha futhi alilungise ngaphambi kweNdebe Yomhlaba.
Isithombe esingenhla: UJaco Peyper
Umthombo wesithombe: Twitter