Usezoba umama umpetha welomphebezo 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Impicabadala yokungabibikho kukaNaomi Osaka osewine amahlandla amabili emqhudelwaneni wethenisi we-Australian Open isitholakele: usezoba umama!

Lesi sihlabani (25) sabelane ngezindaba ezimnandi ekhasini laso laku-Twitter nabo bonke abalandeli baso: “Angisakwazi ukulinda ukubuyela enkundleni, kodwa nasi isibuyekezo sempilo yami kulo nyaka,” esho embhalweni onesithombe se-sonogram yangomhlaka-12 kuZibandlela nyakenye.

“Lezi zinyanga ezimbalwa ngingekho kulo mdlalo zinginikeze uthando olusha nokwazisa ngento engizinikele kuyo impilo yami. Ngiyazi ukuthi kuningi engikubheke ngabomvu esikhathini esizayo; into eyodwa engiyibheke ngabomvu ukuthi ingane yami ibukele eminye yemidlalo yami bese ithi kothile: “Umama wami lo,” esho esitatimendeni esinamathiselwe.

“Angicabangi ukuthi ikhona indlela okuyiyona okumele umuntu ayithathe empilweni kodwa bengihlezi nginomuzwa wokuthi uma uphokophelele phambili unezinhloso ezinhle ekugcineni uzoyithola indlela yakho,” engeza

U-Osaka wawina i-Australian Open ngo-2019 nango-2021 futhi manje ulandela abadlali bethenisi abafana no-Ashleigh Barty noCaroline Wozniacki ekuthatheni ikhefu esikhathini esikhulu ukuze akhulise ingane yakhe.

Esithombeni esigenhla: UNaomi Osaka

Umthombo wesithombe: @naomiosaka

Izihloko zakamuva