Lubhalwe nguMichael Madyira
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos useziphendulele kulabo abamgxekayo ebasola ngokuthi bazama ukucekela phansi umsebenzi wakhe asewenzile.
Lo mqeqeshi odabuka e-Belgium waqokwa njengomqeqeshi weBafana ngoNhlaba ngonyaka ka-2021, kodwa ezinyangeni ezimbalwa nje eqalile wehlulekile ukufaka elakuleli kwiNdebe Yomhlaba ye-Fifa ka-2022.
Kodwa ngenhlanhla usethole ithikithi lokuya kowamanqamu e-Africa Cup of Nations ka-2023, nakuba kungathembisi.
Eminyakeni emibili enza lo msebenzi, uBroos uthole ukugxekwa ngokuhluleka kweqembu lakhe.
Uphinde wagxekwa kakhulu ngendlela iBafana ethwale kanzima ngayo ibhekene nezimbangi okuhlanganisa nokushaywa i-France ngamagoli amahlanu eqandeni ngoNdasa nyakenye.
“Bengihlezi ngijabule, kodwa hhayi ngesikhathi abaningi bebengigxeka ngezinto ezingelona iqiniso,” kusho uBroos etshela abezindaba ze-Safa.
“Ngihlale ngicasukile uma bengitshela ukuthi asidlalanga kahle. Kodwa ngaso sonke isikhathi uma sibuya emdlalweniwethu ne-France, ngikhuluma ngokugxekwa engisuke ngikufunda nengikuzwayo ngaleso sikhathi okusuke kungelona iqiniso.”
Uthe abamgxekayo bafuna ukucekela phansi isikhundla sakhe njengomqeqeshi.
“Bebekhuluma izinto ezingenangqondo, bedelela isizwe bethi angiwaqondi amasiko ase-Afrika.”
“Awukwazi ukuzivikela ezintweni ezinjalo noma ngabe uyafuna. Ngike ngakwenza kanye futhi angeke ngiphinde.”
UBroos umile kwelokuthi wenze umsebenzi omuhle eqenjini lesizwe futhi uyethemba ukuthi ukhombisile ukuthi abamgxekayo banephutha.
“Njengamanje ngiyethemba ukuthi abantu bayakuqonda esikwenzile eminyakeni emibili edlule nokuthi bengilandela imigomo ngesikhathi ngiqala,” kusho lo mqeqeshi owake waqeqesha i-Cameroon.
“Kancane kancane ngiyafinyelela kulokhu engikufunayo futhi lokhu kuyinto engenza nganeliseke.”
NgoMgqibelo iBafana izobhekana neMorocco emdlalweni wokugcina wokuhlungela i-Afcon ka-2023 ngoMgqibelo yizewomabili amaqembu asengenile.
Isithombe esingenhla: Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos nomsizi wakhe uHelman Mkhalele
Umthombo wesithombe: I-Safa/Backpagepix