Usezinhlungwini uGogo Manzini ngemuva kokuhlinzwa kwakhe e-Turkey

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Isangoma esingusaziwayo uGogo Manzini uyalulama e-Turkey ngemuva kokuhlinzwa kaningi ukuze ashintshe indlela abukeka ngayo.

Yize esezinhlungwini futhi engakwazi ukudla ngendlela efanele, ukholelwa ukuthi imiphumela izobonakala emasontweni ayisithupha.

Isangoma esingusaziwayo uGogo Manzini sidonsa kanzima ukudla noma ukukhuluma ngemuva kokuhlinzwa kaningi e-Turkey.

Lesi sishoshovu, igama laso langempela nguTyra Sindane, senze i-Brazilian butt lift, i-tummy tuck, i-liposuction, washintshs ikhala kanye ne-fox eyes. Wabuye waba nezinqubo zokunciphisa ubuso bakhe.

Umyeni wakhe uBrian Sindane, useceleni kwakhe njengoba elulamela esibhedlela.

“Angikwazi ukukhuluma futhi angikwazi nokudla kahle ngenxa yokuhlinzwa emlonyeni wami okuzosiza ukunciphisa ubuso bami. Kubuhlungu, kodwa angizisoli. Ngahlinzwa ngavuka yilokho okubalulekile. Abanye abantu abasindi,” utshele i-Zimoja.

Uthi ukuhlinzwa kwakhe ibele ikona okunezinhlungu kakhulu, nakuba ukuhlizwa kwakhona kwakungekubi kangako.

Akukhona okokuqala uGogo uManzini eshintsha ukubukeka kwakhe. Useke wenza into yokugcwalisa izindebe, ukugcwalisa ubuso, nesikhumba esimhlophe. Kodwa manje, ufuna lokho akubiza ngokuthi “umzimba amaphutha akhe.”

“Kancane kancane bengilokhu ngibuka isikhumba sami siya ngokuya siyakhanya. Sengikulungele ukuya esigabeni esilandelayo,” esho.

Uhlole konke ngendlela ngaphambi kokukhetha odokotela bakhe. “Ngenze ucwaningo ngenqubo yokululama, ubungozi, kanye nezinhlobo zemithi. Ngizilungiselele kakhulu, njengoba ngazi ukuthi kuzofaneleka ekugcineni ngithole umzimba wamaphupho ami.”

Odokotela bathi kufanele abe eseluleme ngokugcwele emasontweni ayisithupha. “Ngizobukeka njengonodoli wobumba,” kusho yena.

Osesithombeni esingenhla: UTyra Sindane.

Umthombo: Instagram

Izihloko zakamuva