Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Umqaphi weSilo uMisuzulu kaZwelithini uzibulele ngemuva kwezinsolo zokuthi ushayise owesifazane eThekwini washona maqede washiya imoto khona lapho waqamba amanga wathi yebiwe.
Lokhu kuvezwe amaphoyisa ngoMsombuluko emini ukuthi lo mqaphi ongisayitsheni ngaphansi kophiko lwePresidential VIP Protection Unit ugcine ezibulele ngemuva kokuthi ehambe wayovula icala emaphoyiseni asePhoenix lokuthi imoto abehamba ngayo yebiwe.
Leli cala kuthiwa ulivule esiteshini lapho obesekuvulwe khona icala lokushona kwalona wesifazane onguNksz Thini Mtshali okuthiwa ushayiswe yiyo imoto kamqaphi etholwe ilimele ilaxazwe ezimobeni eVerulam.
Abomndeni kaNksz Mtshali bawotha ubomvu njengoba bethi abazukuphumula kuze kube ubulunguswa buyenzeka.
Udadewabo kaNksz Mtshali, uNkk Philie MaNgidi-Mtshali uthe udadewabo ushayiswe iToyota Fortuner emnyama kuPhoenix Highway.
Kuthiwa le moto imshaye uNksz Mtshali maqede yashaya yachitha, yamshiya edindilizile ekuseni ngoLwesihlanu ngemuva kokuba ihlulwe ukuma emarobhothini.
“Kuthe uma esebalekile, wathumela enye imoto ukuba izothatha inumber plate. Ngeshwa lakhe onogada abaqapha amasimu kamoba eVerulam, okuyilapho imoto eyilaxaze khona anesefike kuqala, bathathe izithombe ze-number plate. Uthe esuka wayovula icala lokuthi imoto yebiwe ngoba efihla ukufakazi.
“Sifuna ubulungiswa futhi angeke ngiphumule kungaboshwanga muntu njengoba udadewathu emshiye efa njengenja,” kusho uNkk maNgidi-Mtshali.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netsheunda uthe kutholakale ukuthi umuntu ogcine ukushayela le moto nguye umqaphi weSilo.
“Kuvele ukuthi ngemuva kwesigameko sokushayisa lona wesifazane, umqaphi weSilo ubesehamba eyovula icala lokwebiwa kwayo le moto. Nokho ufike selivele selivuliwe elokushona kwalona wesifazane.
“Imoto itholakale ishiywe emasimini omoba eVerulam kodwa umqaphi kuthe namhlanje ngoMsombuluko ekuseni wazibulala,” kuchaza uNetsheunda.