Usezakhele inzondo kuleli oshade neNkosana

Dylan Bettencourt

Oyi-Duchess of Sussex uMeghan Markle usekujwayele ukuhlukunyezwa kwi-inthanethi nokunakwa ngabezindaba, kodwa kulokhu ubhekane ngqo nolaka lwabantu bakuleli.

UMarkle usanda kwethula i-podcast yakhe enesihloko esithi-Archetypes on Spotify esithathe indawo yokuqala ngokuba ehamba phambili.

Kulapho lo oweyengumlingisikazi athukuthelise khona cishe izwe lonke.

Esiqeshini sakhe sokuqala nesihlabani sethenisi uSerena Williams, uMarkle ukhumbula uhambo lwakhe lwasebukhosini kuleli. 

Uchaze ukuthi indodana yakhe yayigadwe umsizi wakhe owayithatha eyoyenzela ukudla okuncane, kodwa u-Archie kwakumele ngabe ulele. 

Ihitha enkulisa yaba nenkinga nokwadala ukuthi igumbi lithungeleke ngomlilo nokwethusa kakhulu uMarkle.

Okucasule abantu bakuleli yilapho echaza le nkulisa njengeyunithi yezindlu kwasuka izinkulumo njengoba abantu bebethi-#VoetsekMeghan.

Yize abantu abambalwa bacabanga ukuthi amazwi kaMarkle abantu bawathatha ngenye indlela, kodwa abaningi basanomuzwa wokuthi uveza kabi elakuleli.

Esiqeshini sakhe sesibili se-podcast ngesikhathi uMariah Carey ayeyisivakashi umculi wabiza uMeghan ngokuthi ngezinye izikhathi ubuya abe i-diva.

“UMeghan uvele abe i-diva kwesinye isikhathi. Ungaziphathi kanjalo…” kusho uCarey etshela uMarkle.

UMarkle uvele wahleke wabe esebuza ukuthi: “Ngizenza i-diva ngayiphi indlela?”

“Kuyinto ebonakalayo okuningi kwakho uyakubona. Kodwa asenze kanje asike sithi ubungemuhle kangako futhi ungenayo yonke into onayo, ubungeke uziphathe ngalendlela,” kuphendula uCarey.

Esinye salezo zikhathi aziveza khona ukuthi uyi-diva ilapho athi umshado wakhe neNkosana uHarry wawugujwa kwelakuleli ngendlela efanayo neyokukhululwa kukaNelson Mandela ejele.

UMarkel uthe ngesikhathi i-The Lion King idlala bukhoma ngo-2019 umlingisi wakuleli wamdonsela eceleni ukuze amtshele ukuthi bagubha kanjani ngesikhathi ekuleli.

Umzukulu kaMengameli wokuqala wentando yeningi  uMandla Mandela uthe akulona iqiniso lokhu.

“Singasho kubantu ukuthi umzabalazo wethu awunakufaniswa nabantu abadansa emigwaqeni nabacula igama likaMadiba,” etshela i-MailOnline.

“Kufanele kukhulume izibazi kanye nobuhlungu besikhathi esidlule esiphuma kubo.”

Umthombo wesithombe: @Glamour

Izihloko zakamuva