Celani Sikhakhane
Usephenduke inhlekisa umfundisi waKwaZulu-Natali endaweni yangakubo ngemuva kokujoyina amaqembu amane ezepolitiki esikhathini esingangenyanga.
Umfundisi uJohn Mantshinga webandla i-Christ-Man Family kwiwadi lesithathu, e-Harding usanda kumemezela ukuthi useyilungu elisha le-EFF eliphatha amakhadi eqembu ngoMgqibelo.
Lo mfundisi akachithanga sikhathi wangena eqenjini ngemuva kokushiya i-People’s Freedom Party (i-PFP).
Nokho, umfelandawonye wakhe wokuqala kwezombusazwe waba ne-IFP. Lolo thando aluzange luhlale isikhathi eside futhi umfundisi wavele wangenwa amanzi emadolweni wajoyina i-ANC.
Kodwa ngaphambi kwesikhathi eside, iqembu elibusayo lamxosha eqenjini.
Amalungu omphakathi atshele i-Scrolla.Africa ukuthi abakaze bayibone into enjengale kwipolitiki yasendaweni.
“Ungomunye wabefundisi abadumile kule ndawo, kodwa usethuse sonke,” kusho ilungu lomphakathi.
“Umsangano lo. Asazi ngempela noma umfundisi uMantshinga uyisebenzisa ngendlela efanele yini inkululeko yakhe yokuzihlanganisa nezinto ezithile.
Engxoxweni abe nayo ne-Scrollla.Africa, uMantshinga usicacisele ngesinqumo sakhe.
“Mina ngingusihlalo wombutho wabakhokhi bentela. Kade sasizama ukuthola indlela yokumelwa kumasipala ukuze njengabakhokhi bentela sithole ithuba lokubamba iqhaza ezinqumweni zomkhandlu, yingakho ngigcine ngiwaphethe wonke la maqembu. Kodwa uthole kamuva ukuthi sebebheke amavoti ethu kuphela, akukho okunye,” kusho uMantshinga.
UMantshinga uveze ukuthi ukhulele ku-ANC. Njengoba ukhetho lusondela wathenjiswa ukuthi uzongenela ukhetho.
Uthe wavuma, kodwa baqala ukudlala ipolitiki yoqhekeko bamhlalisa eceleni.
“Ngibe sengiya ku-IFP ngemuva kokuthi ingithembise isihlalo nesikhundla eqenjini,” usho kanje.
“Kodwa-ke nabo babuye basishintsha isithembiso sabo, ngase ngishiya ngajoyina i-PFP eyasungulwa ngamalungu e-IFP.”
Ukuthuthela ku-PFP nakho kubhuntshile ngesikhathi behlangabezana nezinkinga zemali.
“Ngakho-ke ngesonto eledlule ngijoyine i-EFF. Leli yiqembu engizizwa sengathi ngingashintsha izinto ukuze nabantu abadala bazizwe bamukelekile futhi bekhululekile,” kusho umfundisi.