Usexolisile umdlali wekhilikithi waphinde wathi angenza noma yini ukubuyela enkundleni

Dylan Bettencourt

Exolisa ebeke umoya phansi, uQuinton de Kock ushintshe umqondo futhi wamemezela ukuthi uzimisele ukuguqa ngaphambi kwemidlalo yekhilikithi.

“Uma ukuguqa  ngedolo kusiza ekufundiseni abanye, nokwenza izimpilo zabanye zibe ngcono, ngingajabula kakhulu ukwenza lokho,” kusho ude Kock esitatimendeni.

Owayengukaputeni wama-Proteas unyamalale  ngesikhathi sokukhetha ngaphambi komdlalo wabo omqoka we-T20 bedlala ne-West Indies ngemuva kokuthi i-Cricket South Africa (i-CSA) ikhiphe umyalelo okhomba ukuthi bonke abadlali kumele baguqe ngedolo ekulweni nokungalungi kobuhlanga emhlabeni jikelele.

UDe Kock wengeze ngokuthi akafuni ukwenza lolu daba lube udaba lwakhe futhi ubengaqondile neze ukungahloniphi esinqumweni sakhe. Ube esexolisa kozakwabo nezwe lakhe, evuma ukuthi kufanele abe yisibonelo.

“Kulabo abangaziyo, ngiphuma emndenini oxubile. Odadewethu bangamakhaladi kanti umama wami wesibili umnyama. Kimina impilo yabamnyama ibalulekile selokhu ngazalwa. Hhayi nje ngoba kunenhlangano yamazwe ngamazwe,” kusho uDe kork.

Uthe usebizwe ngezinto eziningi njengomdlali wekhilikithi okhokhelwayo, kodwa akukho okubuhlungu njengokubizwa ngomcwasi. Ukugcizelele ukuthi ukubizwa ngombandlululi  akulimazanga yena kuphela, kodwa kuklimaze umndeni wakhe wonke nonkosikazi wakhe okhulelwe.

Abaningi bamgxekile u-de Kock ngesinqumo sakhe sokushiya ozakwabo kanye nezwe lakhe ngaphambi komdlalo wabo obalulekile.

“Ngicabanga ukuthi bekuzoba ngcono kuwona wonke umuntu ukube besikulungisile lokhu ngaphambi kokuthi kuqale umqhudelwano. Bese sigxile emsebenzini wethu, okuwukuwinela izwe lethu imidlalo yekhilikithi,” esho.

Yize kunengxabano, usamile kwelokuthi uma iqembu nezwe limvumela ukuthi aphinde ajoyine iqembu angakujabulela kakhulu ukuphinde amele ama-Proteas. Uthe akukho angeke akuthande njengokuphinde abe senkundleni.

Ama-Proteas azobhekana ne-Sri Lanka emdlalweni okumele bawunqobe ngoMgqibelo womhla zingama-30 kuMfumfu ozoqala ngehora le-12 ebusuku.

Umthombo wesithombe : @TheCitizen

Izihloko zakamuva