Usevule icala owesilisa waseMelika odle amaphiko enkukhu angenamathambo 

Amaphiko enkukhu engenamathambo asephoqe owesilisa ukuthi athathe izinyathelo ngalolu daba.

Owesilisa waseMelika umangalele indawo yokudlela ebizwa nge-Buffalo Wild Wings, ethi badayisa amaphiko angenamathambo futhi empeleni enziwe ngesifuba senkukhu futhi afana nama-nugget enkukhu.

Ufake icala eNkantolo yesifunda saseMelika e-Northen District e-Illinois ukuze aphikise lokho athi “ukumaketha okungamanga nokukhohlisayo okukhangiswa i-Buffalo Wild Wings’ edayisa amaphiko enkukhu angenanyama”, kubika i-Insider.

I-Buffalo Wild Wings, nokho ibone uhlangothi oluhlekisayo ngalolu daba yaphendula ku-Twitter ngaleli cala.

“Iqiniso ukuthi amaphiko ethu angenamathambo wonke siwathatha enyameni yenkukhu emhlophe. Ama-hamburgers ethu awanayo i-ham. Amaphiko ethu enyathi angu-0% buffalo,” kubhala lendawo edayisa inyama ku-Twitter.

Kodwa-ke, owesilisa waseMelika ocasukile uzwe sengathi ngisho amaphiko angenamathambo akuwona amaphiko.”

“Leli cala elicacile lokukhangisa okungamanga akufanele livunyelwe, njengoba abathengi kufanele bakwazi ukuthembela encazelweni ecacile yegama lomkhiqizo futhi bathole lokho abakuthenjisiwe.”

I-Buffalo Wild Wings yengeze amaphiko angenamathambo kwi-menu yabo ngo-2003 futhi muva nje, ngo-2019 babuyekeza iresiphi yabo. 

“Inkukhu iqale igaywe ngenhlanganisela yezinongo, bese ifakwe i-savoury new breading,” kusho inkampani esitatimendeni sabezindaba.

“Njengoba kwenziwe i-breading engaphansi kuka-30% kunangaphambilini, ucezu olukhulu lwenkukhu emhlophe efakwe emanzini luletha ukunambitheka okwengeziwe kukho konke.”

Icala lifuna inani elingashiwongo lomonakalo, izimali zabammeli, ukuqulwa kwecala kanye nanoma yimuphi omunye umonakalo iJaji elibona kufanele liwufake, ngokusho kwemibhalo yaseNkantolo.

Ngokuzayo uma uluma uphiko olungenamathambo, kungenzeka ukuthi udla ama-nugget enkukhu.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: Amaphiko angenamathambo noma mhlawumbe ama-nuggets.

Umthombo wesithombe: Epicurious

Izihloko zakamuva