Usethole isivumelwano esisha uVilakazi ngemuva kokunqoba ama-play-offs

Lubhalwe nguMichael Madyira

Kulindeleke ukuthi aqhubeke nokuqeqesha iRichards Bay uVusumuzi Vilakazi ngemuva kokuyisiza ekudliweni izembe ngesikhathi kuphela imidlalo yokuhlungela iPremier Soccer League.

UVilakazi oneminyaka engu-41 ubudala uthole umsebenzi wokuba umqeqeshi ngoZibandlela ngemuva kokujoyina iNatal Rich Boyz njengomunye wethimba elalisiza umqeqeshi wangaleso sikhathi, uKaitano Tembo.

Inkontileka yakhe izophela ekupheleni kukaNhlangulana, kodwa usihlalo weqembu uJomo Biyela uthi bazogixabeza lesi sihlabane esake sagijima ku-Golden Arrows ngenkontileka entsha.

“Kungani kumele ilungiswe uma ingaphukile?” UBiyela utshele i-SuperSport TV.

“Sizohlala naye phansi siqedele ezinye izinto. Kodwa asikho isizathu sokuthi ahambe.”

Uthe uVilakazi ubathathe benamaphuzu angu-12 wafinyelela kwangu-30 ngabadlali abafanayo, kumele bameseke.

“Ngeke sivele simxoshe njengoba sesiphephile,” usho kanje.

I-Richards Bay iqede isizini ejwayelekile ye-PSL isendaweni yesibili ukusuka emsileni, okuyindawo ebambeke kuyona ingxenye yonke yomkhankaso.

Kodwa uVilakazi ukwazile ukubasindisa ezembeni sekunemidlalo yama-playoffs, ebekukhona kuyo amaqembu e-National Frist Division okuyi-University of Pretoria neBaroka FC, wona abegaqele ukukhushulelwa kwiDStv Premiership.

IRichards Bay isinde ekuphumeni ngemuva kokushaya iBaroka ngamagoli amane eqandeni ngoLwesithathu ekhaya, nokwenze uVilakazi wathenjwa ngabaphathi bakhe.

“Ngibonga usihlalo ngokungiphathisa lo mthwalo omkhulu. Wangifaka kulesi simo ukuze ngibe umnqobi. Ngicabanga ukuthi kuzoba nomthelela omkhulu emsebenzini wami,” kusho yena.

“Kumele ngibonge abadlali, akukho ongakwenza uma abadlali bengayithathi imibono yenu. Ukuzethemba kwabo bekukhona kwaze kwaba sekugcineni.”

IRichards Bay isizoya ekhefini lesizini futhi ibuye ngesikhathi amanye amaqembu ePSL esevele ejule ekuziqeqesheni ngaphambi kwesizini.

Isithombe esingenhla: Umqeqeshi waseRichards Bay uVusumuzi Vilakazi.

Umthombo: Richards Bay

Izihloko zakamuva