Usetholakele umfanyana omncane obethunjwe izigilamkhuba ezingaziwa

Kabelo Tlhabanelo

Umfanyana osemncane u-Onalerona, oneminyaka emithathu obethunjwe e-Bainsvlei, e-Bloemfontein ngoMsombuluko, ubuyele ekhaya ephephile nonina.

Uyise wengane kucace ngokusobala ukuthi ubekweleta izigilamkhuba ezithumbe ingane yakhe.

Unina wakhe uDineo Riet utshele i-Scrolla.Africa ukuthi waphatheka kabi ngenkathi ebona iveni ibaleka nendodana yakhe okuwukuphela kwayo.

“Angizange ngilale kusukela ngoMsombuluko. Bengikhathazekile ngisabela impilo yendodana yami,” kusho umama wakhe.

Uthe usebenzisane namaphoyisa ukuthungatha lezi zigilamkhuba nesoka lakhe.

U-Onalerona ubeqhele ngamakhilomitha angama-20 emzini wakhe kanti utholwe emjondolo obuseduze nejele lase-Grootvlei, elele nowesilisa ngesikhathi amaphoyisa egasela, ngoLwesibili ebusuku.

“Kungijabulisile ukubona ingane yami ingalimele. Uphuthunyiswe esibhedlela ukuyohlolwa kwatholakala ukuthi akalimalanga. Manje ngizobungaza impilo yengane yami ehlanganise iminyaka emithathu ngoLwesihlanu olwedlule.”

Uqhube wathi amaphoyisa athole isoka lakhe elithe alazi ukuthi lezi gilamkhuba zimfunani.

UDineo, okhulelwe ingane yesibili, ubonge amaphoyisa asebenze ngokuzikhandla ukuthola indodana yakhe.

I-Scrolla.Africa ayikwazanga ukuthola ubaba ukuze aphawule njengoba ebesemsebenzini, kodwa uDineo uthe ujabule kakhulu ngokuthi indodana yakhe iyaphila.

Amaphoyisa abophe abasolwa abathathu abaneminyaka engama-24, nomunye oneminyaka engama-32 kanye nomunye oneminyaka engama-35 ubudala eKhayelitsha ngemuva kokuthungathwa amaphoyisa I-Bainsvlei Visible Policing, Detective, Flying Squad kanye nethimba le-FCS.

Owesilisa omdala ungumnikazi weveni elibomvu elasetshenziswa ngesikhathi kuthunjwa.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier uMotantsi Makhele uthe abasolwa abathathu babekwe icala lokuthumba kanti bazovela enkantolo yemantshi yase-Bloemfontein maduze.

Izihloko zakamuva