Uthembisa ukubhekelela izinkinga zikagesi uNdunankulu wase-Gauteng 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Njengengxenye yezithembiso zakhe, uNdunankulu wase-Gauteng uPanyaza Lesufi useveze amasu akhe amakhulu okulwa nokucinywa kukagesi esifundazweni.

Ubekhuluma ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yokuqala yeSimo Sesifundazwe ehholo ledolobha laseGoli ngoMsombuluko njengoba izwe liqhubeka nokulwa nesigaba sesithupha sokucishwa kukagesi.

ULesufi uzibophezele kwimali engu-R1.2 billion ukuthi izoxazulula inkinga kagesi esifundazweni futhi uthe usesungule ithimba elibhekelela izinkinga zamandla ukuze lixoxisane neKomidi Likazwelonke Lezamandla liphinde lisebenzisane nohulumeni basekhaya nongoti wezamandla.

ULesufi uthe uhlela ukwakha ipulazi elizoba nogesi osebenza ngelanga ongu-800 megawatt e-Merafong futhi afake ama-solar ophahleni ezakhiweni zikahulumeni ikakhulukazi izibhedlela, imitholampilo kanye nezikole. Ukukhishwa kwamaphaneli elanga aphezu kophahla uthe kuzoqala mhla zizinye kuMbasa.

Khonamanjalo uhlela ukweseka isikhungo saseGoli i-City Power kanye ne-Tshwane Rooiwal ekwandiseni nasekukhiqizeni amandla angeziwe futhi uzozama ukukhohlisa abanikazi besiteshi i-Kelvin ukuthi basebenzisane nesifundazwe.

Isithombe esingenhla: UNdunankulu wase-Gauteng uPanyaz Lesufi

Umthombo wesithombe: Instagram

Izihloko zakamuva