Usethembisa ukwesula uMengameli wase-Sri Lanka

Kamogelo Olaitan

UMengameli wase-Sri Lanka uGotabaya Rajapaksa umemezele ukuthi uzokwehla esikhundleni ngomhlaka-13 kuNtulikazi ngemuva kokuba abantu abaningi bathathe isinqumo sokubhikisha enkabeni yedolobha i-Colombo befuna uMengameli ehle esikhundleni.

Abantu basola uRajapaksa kanye nohulumeni ngokuphatha budedengu izimali zezwe ngesikhathi kunemibhikisho ngenxa yokuntengantenga komnotho.

Ezithombeni namavidiyo asatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana aveza ababhikishi begasela endaweni kaMengameli bengena ngisho nasemagumbini kanti abanye bebebonakala ebusweni ukuthi bajabulile ngalesi senzo.

Iningi lababhikishi bekungabantu abasebancane ababonakale esithombeni behleli endaweni yokubhukuda kanti abanye bebehleli emagumbini.

URajapaksa usizwe amasosha adubule emoyeni ukuze kuhlehle isixuki ebesidiniwe. Kubikwa ukuthi uMengameli ubalekele e-Island’s southern waters.

Kusukela ngoMgqibelo, sekusule oNgqongqoshe abane kwikhabhinethi.

Umuzi kaNdunankulu uRanil Wickremesinghe nawo ushisiwe ngisho esethembise ukwesula esikhundleni.

UWickremesinghe ophethe izintambo zombuso wesibili kuMengameli uthembise ukuthi uzophuma esikhundleni ngokushesha nje uma uhulumeni wamaqembu wonke esekulungele ukuthatha izintambo.

I-Associated Press ibika ukuthi uWickremesinghe uthe ngasekupheleni kwenyanga edlule umnotho wezwe ose-Island uthwele kanzima nezikweletu njengoba uphelelwa imali yokukhokhela ukudla nophethiloli.

Le ndawo enabantu abangaphezu kuka-22 million ifuna usizo emazweni angomakhelwane i-India ne-China kanye ne-International Monetary Fund njengoba sishoda ngemali yokukhokhela izinto ezidingekayo ezivela kwamanye amazwe futhi sahluleka ukukhokha isikweletu saso.

Kubikwa nokuthi abantu base-Sri Lanka abadli ukudla njengoba bebhekene nenkinga yokushoda kokudla kanti abashayeli bezimoto baphoqeleka ukuthi bame ulayini amahora amaningi bezama ukuthenga uphethiloli oyindlala.

Umthombo wesithombe: @TheIndianExpress

Izihloko zakamuva