Usethathe umhlalaphansi owesifazane odlala ithenisi

Dylan Bettencourt

U-Ashleigh Barty wase-Australia, njengamanje ongumdlali wethenisi wesifazane obekwe endaweni yokuqala emhlabeni, uthuse umhlaba wonke ngokumemezela ukuthi uyawuyeka umdlalo wethenisi uwuyeka nje uneminyaka engu-25 ubudala.

UBarty, owine i-Australian Open, okuyi-Grand Slam yokuqala yonyaka, uxoxe ngaloludaba engxoxweni yakhe noCasey Del Lacqua eziteshini zakhe zezokuxhumana ngoLwesithathu ekuseni.

“Namuhla kunzima futhi kugcwele imizwa kumina njengoba ngimemezela ukuthi ngiyayeka ukudlala ithenisi,” kubhala uBarty  ku-Instagram.

UBarty ubambe isikhundla sokuqala kwezemidlalo iminyaka emithathu ngemuva kokuwina i-French Open ngonyaka ka-2019.

“Ngibonga ngakho konke lo mdlalo onginike khona kanti ukushiya kwami ngizizwa ngiziqhenya futhi ngigculisekile,” kusho lo mdlali wethenisi.

“Ngiyabonga kuwo wonke umuntu ongiseke endleleni, ngiyohlala ngikhumbula zonke izinto ebesizenza sindawonye.”

UBarty wathatha ikhefu elifushane kwezemidlalo ngonyaka ka-2014 njengoba ingcindezi yokukhuphuka kwezemidlalo yayishesha kakhulu empilweni yalomdlalo wase-Australia.

Kulokhu kwehlukile kuBarty, wengeza ngokuthi uthathe isinqumo ngoba egculisekile ngesikhathi sakhe asichithile edlala ithenisi.

“Kunengxenye encane yami ebingagculisekile, ayizange igcwaliseke, kodwa kwabe sekufika inselelo ye-Australian Open,” kusho lo mdlali.

Uthe kubonakala kuyindlela ephelele yokugubha uhambo lwakhe olumangalisayo.

Uthe imicabango yokuthatha umhlalaphansi yangena ngemuva kokuwina i-Wimbledon yangonyaka odlule.

“Ngidlale ngokuzimisela akukho okunye engingakunikeza manje. Futhi lokho kumina kuyimpumelelo. Nginikele ngakho konke engingakwenza kulo mdlalo omuhle wethenisi,” kusho uBarty.

Umthombo wesithombe: @SportingNews

Izihloko zakamuva