Usesungule inhlangano ezosiza abantulayo nezilwane umdlali 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Ekwethulweni kwenhlangano yakhe entsha esiza abantulayo, umgadli we-Chelsea uKai Havertz ujule kakhulu  emsebenzini wakhe kanti uthanda kakhulu nokuxhumana  nezimbongolo.

I-Kai Havertz Stiftung, okuyinhlangano esiza abantulayo yase-Germany, isize kwinhlalakahle yezilwane iphinde ibandakanyeka ekuthuthukisweni kwentsha nokunakekelwa kwabadala.

Engxoxweni ne-The Guardian ngesikhathi kwethulwa le nhlangano, lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala ukhulume ngakho konke ngaye, kusukela ekushayeni igoli kowamanqamu we-Champions League kuze kufike kwizinguquko ezenzeka eqenjini ezikhathini zakamuva.

Okunye okuphinde kwagqama kwingxoxo yakhe uthando analo ngezilwane.

“Abanye ozakwethu bangibiza ngembongolo, kodwa akusukeli ebholeni,” kusho uHavertz eqhubeka nengxoxo.

“Kusukela ngosuku lokuqala, ngaba nobuhlobo obukhethekile nezimbongolo. Okuyisilwane ezizothile kakhulu. Mhlawumbe ngizibona mina kuzona ngoba nami ngizotholile. 

“Ziphila impilo yazo nsuku zonke, azenzi lutho olutheni. Ngiyazithanda uma ngisendaweni yazo ngizizwa nginokuthula.”

Njengengane ekhulele e-Aachen, e-Germany, abazali bakaHavertz bamnika unodoli wembongolo kanti ngesikhathi ehlanganisa iminyaka engu-18, base bethathe izimbongolo ezintathu zangempela endaweni yezilwane okuyilapho okwaqala khona umbono wakhe wokusiza abantulayo.

“Ngesikhathi ngineminyaka eyishumi ngangingacabangi ukuthi ngiyoshaya iphenathi ezoyisa i-Chelsea kuma-quarterfinal e-Champions League.”

“Nganginovalo, kodwa ngakwazi ukusijabulela kakhulu lesi sikhathi kunokuba ngizwe ingcindezi. Futhi yilokho okubaluleke kakhulu.”

“Yilokho engizamile ukukushintsha ngoba phambilini bekuhlukile. Ngangiya endaweni yezilwane ngemuva kwemidlalo ukuze ngibe nezimbongolo umzimba wami ubukuthokozela kakhulu lokhu. 

“Eminyakeni embalwa edlule ngiye ngabona ukuthi ngingabuyisela okuthile. Kwavele kwangicacela ukuthi kumele ngenzenjani.”

“Ibhola liyindlela enhle yokuhlanganisa nokujabulisa abantu okuyinto abadlali abangabambelela kuyo.”

Kodwa zikhona ezinye izindlela. Futhi ukuhlale ubuka ibhola u-24/7 akuyona impilo leyo.”

Isithombe esingenhla: UKai Havertz

Umthombo wesithombe: @eurofootcom

Izihloko zakamuva