Usesizwa omashonisa umsebenzi wasezindlini ngenxa yokubiza kokudla

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ukubiza kokudla kuthwalise kanzima umsebenzi wasezindlini eThekwini nosekwenza umholo wakhe ungazinelisi zonke izidingo zakhe bese ethembela komashonisa.

UNksz Babhekile Mbatha (38) waseNewtown B, eNanda osebenza eMusgrave uthe ukube ukudla akubizi ngale ndlela okumba eqolo ngayo ngabe uyawubona umholo wakhe.

“Mina ngisebenza izinsuku eziyishumi kuphela enyangeni kulo muzi engiqashwe kuwo. Okwenzekayo ngesonto ngisebenza izinsuku ezimbili bese kuthi usuku lulodwa ngihola imali engu-R250 . Leyo Mali iphelela ekudleni kwasekhaya,,” usho kanje.

Uqhube wathi ngaphandle kwalokho uhlala nezingane zakhe ezimbili nodadewabo omdala ongasebenzi kanye nendodana yakhe okwenza babebahlanu bewumndeni.
Uqhuba uthi izingane zakhe uma ziya esikoleni zihamba ngomalume othatha imali engu-R900 ngenyanga nokuyimali okusuke kungeyesibonelelo esivela kuHulumeni.

Uthe ivele ihambe yonke bese yena esale engasenayo ngisho eyokuya emsebenzini njengoba itekisi ibiza imali yokugibela engu-R55 ukuya nokubuya.

“Yingakhoke ngisizwa umashonisa ngoba imali yokuya nokubuya emsebenzini ngiyithatha kuye kube eyenyanga . Ukuze ngiyibuyisele ngigcina sengizama amanye amatoho aseceleni,,” usho kanje.

Uthe ukube ukudla akubizi ngale ndlela okubiza ngayo njengoba ekhokha imali ebalelwa ku-R1 600 ngenyanga ngabe isimo sezimali singcono.

Izihloko zakamuva