Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UNonhlanhla Mabena ulwela impilo yakhe esibhedlela ngemuva kokuthi ingalo yakhe ilunywe izinja ezimbili zohlobo lwama-Pitbulls ngeSonto ebusuku.
Izakhamuzi eziphuthume endaweni yesigameko zithi ingalo yakhe yakwesokudla ibilenga ibambelele ngesicubu esincane, umzimba wonke ubugcwele izibazi zokulunywa izinja.
UMabena ongumama wengane enezinyanga ezine, ubehamba eya ekhaya ngesikhathi ehlaselwa izinja.
Ozibonele ngawakhe uNthabiseng Letsolo, utshele abezindaba i-Scrolla.Africa ukuthi uzwe umuntu ememeza efuna usizo, wahamba wayobheka wamfica ezama ukulwa nezinja ezimbili.
“Bezinolaka kanti umzimba wakhe beziwuniphiza sengathi izilwane ezilambile. Bengisaba ukuthi zizombulala izinja.”
“Ngimemezile ngifuna usizo. Abanye omakhelwane bazamile ukuzithela ngamanzi nokuzijikijela ngamatshe kodwa bekufana nokuthi bayadlala.”
“Zigcine zizihambele zona ngemuva kwesikhathi eside,” engeza.
Omakhelwane bathe lezi zinja zibekelwe ukugada igceke lalapha ezibekwe khona futhi akuhlali muntu kulendlu ezibekwe kuyona eDuduza, Ekurhuleni.
Bathe lezi zinja zijwayele ukuphuma ngepayipi lamanzi eliphumela ebhulohweni, noma ziphume kupotsho ocingweni okubiywe ngalo.
Umhlali othukuthele kakhulu uJanky Mafokeng wengeze ngokuthi abahlali sebeyasaba ukuhamba ngendlela edlula ngakulendawo ehlala lezi zinja ngoba zihlale zeqa futhi ziyababamba abantu.
“Sihlale simncenga umnikazi wazo ukuthi akenze isiqiniseko sokuthi azeqi kodwa uvele athi ziqeqeshwe kahle.”
“Besisaba ukuthi into efana nalena izokwenzeka ngoba kuthiwa lezi zinja zinonya futhi zingambulala umuntu,” kusho uMafokeng.
Umnikazi wezinja, uGugu Mkhwanazi, utshele abezindaba i-Scrolla.Africa ukuthi izinja ubesenikezele ngazo kwi-Nigel SPCSA, kodwa abahlali uma beyobuza khona batshelwe ukuthi izinja azikho.
“Izinja zami uLily noViagra, ziqeqeshwe kahle futhi ziyakwazi ukuhlalisana nabantu. Mhlawumbe isikhathi sazo sokuthi ziziphathe ngale ndlela.”
“Ngake ngabona ukuthi zeqile ngase ngizama ukuvala indawo ezaziphume kuyona,” engeza.
Okhulumela amaphoyisa aseDuduza usayitsheni Harry Manaka ukuqinisekisile ukuthi basenza uphenyo ngecala lokuzama ukubulala kanti uphenyo lusaqhubeka.
Osesithombeni esingenhla: UKhehla Chulu
Umthombo: @Doreen Mokqolo