Useshiyile omunye wabadlali beChiefs

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umdlali wasemuva weChiefs uSiyabonga Ngezana uselishiyile iqembu lase-Soweto wajoyina iqembu lase-Romania i-FCSB phambilini elalaziwa nge-Steaua Bucharest.

Ukufuduka obekungalindelekile kwalo mdlali (25) kuqeda isikhathi sakhe seminyaka eyisikhombisa eseqenjini leChiefs ngemuva kokuba ingxenye yokuthuthukisa iqembu.

Ubesasalelwe unyaka enkontilekeni yakhe neChiefs futhi ubenethuba lokuyelula ngeminye iminyaka emibili.

“Kuhlezi kunokudabuka uma umdlali owenza kahle eshiya iqembu,” kusho umqondisi wezemidlalo kuChiefs uKaizer Motaung Jnr kwisisindalwazi seqembu.

“Kodwa-ke, uSiya ube nomsebenzi omuhle noncomekayo kuChiefs futhi ubona sekuyisikhathi sokuthi abhekane nenselelo entsha.”

UMotaung uthe bayakuthokozela ukuzinikela kukaSiya kuChiefs wathi bamfisela okuhle kodwa e-Europe.

UNgezana wenze isinqumo esihle ngoba uzothi efika nje e-Romania adlale e-Europe.

I-FCSB iqede endaweni yesithathu kwisizini ejwayelekile ye-Liga1 futhi isendaweni yesibili kweyomkhumulajezi ukuze ingene ku-Uefa Conference League.

Iqembu lase-Romania laba ngompetha base-Europe ngo-1986 futhi seliwine i-Liga1 amahlandla angu-26.

UNgezana ungumdlali wesibili wasemuva weChiefs ukushiya leli qembu kulobu busika ngemuva kokuhamba kuka-Erick Mathoho.

Ukuhamba kwabo kuvulele abadlali abasha basemuva isikhala okubalwa kubo uThatayaone Ditlhokwe osayiniswe esuka kuSuperSport United kanye noGiven Msimago obengukaputeni weTS Galaxy.

Ukuya kukaNgezana e-Europe kulindeleke ukuthi kukhulise amathuba akhe kwiBafana Bafana ngaphambi kowamanqamu we-Africa Cup of Nations kulo nyaka.

Esithombeni esingenhla: Obengumdlali wasemuva weKaizer Chiefs uSiyabonga Ngezana

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva