Celani Sikhakhane
Usesabela impilo yakhe kanye neyezihlobo zakhe unina wentombazane eneminyaka eyi-16 ekhubazekile eyadlwengulwa ngowesilisa wangakubo ngemuva kokuba umenzi wobubi egwetshwe udilikajele.
Usola ukuthi amalungu omndeni kaLungelo Buthelezi owalahlwa yicala lokudlwengula, amhlasela amgwaza ngemuva kokuba ebike icala emaphoyiseni.
Esikhundleni sokukhululeka ngenxa yokuthi ubulungiswa benziwe, umama elingeke lidalulwe igama lakhe ukuvikela isisulu, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi unovalo lokuthi umndeni kaButhelezi oneminyaka engama-28, ungase ubahlasele.
“Sinovalo lokuthi singase sihlaselwe umndeni wakwaButhelezi ngemuva kwalesi sigwebo. Ngithe uma ngibikela amaphoyisa, umndeni wakhe wangishaya wangigwaza ungisola ngokuqamba amanga ngokuthi uButhelezi udlwengule ingane yami,” usho kanje.
UButhelezi waya kubo kwalentombazanyana ngesikhathi unina engekho ngoNtulikazi ngonyaka wezi-2019. Wayifica ihamba ngesihlalo esinamasondo, kodwa lokho akuzange kumvimbe ukuyisabisa ngaphambi kokuthi ayidlwengule.
Umama uthe indodakazi yakhe ayikalulami kusukela lapho.
Umalume kaButhelezi uSicelo waboshwa ngoNtulikazi ngonyaka wezi-2019 wagwetshwa izinyanga eziyi-18 ebhadla ejele ngokushaya unina wesisulu.
NgoMsombuluko inkantolo yesifunda yasoLundi inqume ukuthi igama likaButhelezi lifakwe ohlwini lukazwelonke lwabantu abahlukumeza ngokocansi.