Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
USerame Gumede usekufakazele eminyakeni edlule ukuthi imvelaphi yomuntu ayisho ikusasa lakhe.
Lo msubathi (25) wase-Libertas ngase-Senekal, e-Free State ungomunye wabasubathi abangu-26 abazobe bemele elakuleli ku-International University Sports Federation World Student Games e-Chengdu, e-China kusukela ngomhlaka-28 kuNtulikazi kuya kumhla ziyisishiyagalombili kuNcwaba.
UGumede wenza izifundo zokuthwebula e-Vaal University of Technology.
Uthando lwakhe lokugijima lwaqala ngesikhathi esafunda amabanga aphansi lapho othisha bakhe abahlonza khona ikhono lakhe baphinde bamkhuthaza ukuthi enze kahle kulo mdlalo.
Ngisho nemvelaphi yakhe empofu egijima engazigqokile izicathulo engenazo nezinto zemidlalo akuzange kumvimbe ukuthi afeze iphupho lakhe lokwephula amarekhodi kulo mdlalo.
Ngesikhathi ekhuluma ne-Scrolla.Africa uthe usebenzise lo mdlalo ukubalekela ezinye zezingqinamba abhekana nazo esakhula.
“Abazali bami bashona ngimncane bangishiya nezingane zakithi ezintathu sakhuliswa udadewethu owayesafunda.
“Kwadingeka ukuthi sikhule kanzima ukuze siphile usuku nosuku futhi sagqugquzelana ukuthi sizibophezele ekubalekeleni ububha ngokuqhubeka nesikole ngisho nangezikhathi ezinzima.
“Yize kwakunzima futhi kubuhlungu ukugijima ngaphandle kwezicathulo emigwaqeni ewubhuqu uma kunemiqhudelwano ngesikhathi ontanga yami benazo zonke izinto, ngazigqugquzela mina ngokuzikhumbuza ukuthi ngingumsubathi onekhono.
UGumede uqophe amarekhodi waphinde wawephula ku-Maluti Athletics Games. Ngo-2014, waqopha umlando ebangeni lika-5 000m waqeda ngesikhathi esingu-15:56 kanye nelika -3000m ku-steeplechase waqeda ngesikhathi esingu-14:56.
Ngo-2015, waqeda ibanga lika-3,000m ku-steenchase ngesikhathi esingu-9:45 waphula irekhodi lakhe lango-2014.
Ngo-2019, waqopha umlando ebangeni lika-3,000m ku-steeplechase waqeda ngesikhathi esingu-9:07 emqhudelwaneni we-University Sports South Africa Championships.
Kuze kube manje amarekhodi asamile.
Lo msubathi onekhono usadinga izicathulo zokugijima ezifanele azozisebenzisa ngesikhathi somqhudelwano.
Esithombeni esingenhla: USareme Gumede
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe