Usephumile e-ICU umshayisibhakela oquleke eringini

Lubhalwe nguLinda Ximba

Umshayisibhakela wakuleli uLudumo Lamati uyalulama esibhedlela e-Belfast, e-Northern Ireland.

ULamati ungeniswe esibhedlela ngemuva kokuhlulwa uBriton Nick Ball ngesikhathi equleka ekhoneni lakhe emzuliswaneni wesi-12 empini yebhande le-World Boxing Council (WBC) Silver featherweight, e-SSE Arena e-Belfast. Bekungokokuqala uLamati (31) ehlulwa ezimpini ezingu-23.

I-Boxing5 Promotions okuyiyona ehlela izimpi zakhe ikhiphe isitatimende mayelana nenqubekela phambili yakhe yakamuva.

“Umpetha wethu ukhishiwe e-ICU wayiswa ewodini likadokotela wemizwa lapho akhombisa khona izimpawu zokuthi uyelulama usuku nosuku,” kusho isitatimende.

“Ithimba lindizele kuleliyazwe nomama wakhe kanye nentombi yakhe futhi ukuvakashelwa njalo kumlethele injabulo. Kusalindelwe ukuthi alulame ngokugcwele ngakho udinga ukuphumula. Imithandazo yenu namazwi enu akhuthazayo asho lukhulu.”

Cishe sekuphele izinsuku ezingu-20 uLamati owazalelwa e-Eastern Cape engeniswe esibhedlela. Umqeqeshi ophinde abe umphathi wakhe uCollin Nathan uzwakalise ukujabula ngesikhathi ezwa intuthuko yakamuva.

“Usemithandazweni yethu zonke izinsuku. Siyethemba ukuthi unina nentombi yakhe bazomletha ekhaya,” kusho lo mqeqeshi onamava.

Imali engaphezu kuka-£2,500 (R60,000) iqoqwe esikhathini esingaphansi kosuku ukusiza ukukhokhela izindleko zokuhamba ukuze umndeni kaLamati uye e-Northern Ireland, kubika i-Belfastlive.

Esithombeni esingenhla: ULudumo Lamati

Izihloko zakamuva