
Doreen Mokgolo
Ngesikhathi ekhula uDkt Isaac Nape ubengazitsheli ukuthi ngelinye ilanga uyoba ngomunye woSosayensi abahlonishwayo kuleli.
Njengoba wayezichaza ngokuthi “ungumfundi ophakathi nendawo”, wayengacabangi ukuthi uyoke enze umsebenzi we-quantum Physics, igatsha le-Physics elihlobene nezinto ezincane emhlabeni, njengama-atoms, ama-Eletrons nama-photons.
Njengomlandeli oshisekayo womdanso, umculo nezobuciko, wayekholelwa ngaleso sikhathi ukuthi ikusasa lakhe lilele kwezobuciko.
Lokho kungemuva kokuthola umatikuletsheni wakhe esikoleni samabanga aphezulu e-Randfontein okuyilapho anquma ukubhalisela i-BSc In physics eNyuvesi yasePitoli ngeziqu zakhe ze-undergraduate and honors.
Ube esedlulela eNyuvesi yase-Witwatersrand enza iziqu ze-master’s, lapho ephothule khona i-PhD yakhe kulesi sifundo ngesonto eledlule.
Namuhla owesilisa oneminyaka engu-28 ubudala wase-Randfontein e-West Rand ubegungazwa ososayensi ezweni ngokuphula ikhodi ye-quantum enkulu kakhulu.
Njengomphenyi ohola, ithimba lakhe kwi-quantum physics bathole izakhiwo ezifihliwe lokho abakubiza ngokuthi “i-quantum states”.
Bakha indlela entsha yokulinganisa i-quantum, bayihlole endaweni eboshiwe engu-100-dimensional.
Ngesu elisha, ulwazi lutholwa ngemuva kwemizuzu. Okutholwe iqembu kuzothuthukisa umkhakha we-quantum physics ngokugxumela nangemingcele.
Okutholakele kwashicilelwa kwijenali yesayensi ehlonishwayo i-Nature Communications ngoNcwaba.
UNape uchaze ukuthi ukutholakala kwalokhu kuyindlela elula ebheka ukuhlobana phakathi kwama-photon amabili, okuyizilinganiso eziyisisekelo zokukhanya.
Ucwaningo lwethimba likaNape lwaqala ngonyaka ka-2019 futhi lwathatha yonke indlela eya e-Europe njengoba lalilwela ukuzuza impumelelo yalo kwezesayensi.
“Siqale ukusebenza kulo msebenzi ngonyaka ka-2019 kwathi ngonyaka ka-2020 savakashela e-UK siyokwenza ucwaningo olwengeziwe.
“Kwadingeka ngibuyele ekhaya ngemuva nje kokubheduka kwe-Covid-19 futhi kwadingeka ngenze ucwaningo lwethiyori ngikude,” kuchaza u-Isaac.
Manje njengoba esephothule i-PhD uzizwa egcwalisekile kodwa useneminye imigudu kwi-quantum Physics okumele ayinqobe.
Akazange alulahle uthando lwakhe lwezobuciko, uNape ngandlela thize wathola isikhathi sokungenela imiqhudelwano yokudansa eNyuvesi kanjalo nokubamba izingqungquthela zobuciko ezivamile.