
Elmon Tshikhudo
Usephinde wenza elinye icala elinzima kakhulu umshushisi wase-Thohoyandou.
Owayengumshushisi wase-Thohoyandou, uRatshilumela Leonard Makhado, uzithole esohlangothini oluphambene nelomthetho ngesikhathi kusolwa ukuthi wamukela intshontsho ukuze icala lisulwe ngo-2020.
Wafuna imali kumsolwa owayebhekene necala lokushayela budedengu.
UMakhado waboshwa ngokushesha emkhankasweni womshoshaphansi woKlebe ngemuva kokuthola intshontsho lika-R6,000.
Waphelelwa umsebenzi ngenxa yaleli cala.
Sengathi lokhu bekunganele kulowo owayengumshushisi (49), njengoba esephinde waba ohlangothini oluphambene nelomthetho kuleli sonto.
Yena kanye nozakwabo baboshwe ngesikhathi bezama ukushisa indlu kafakazi oqavile ecaleni lakhe lenkohlakalo.
Kuthiwa laba ababili batholakale bethela indlu kafakazi ngophethiloli.
Amalungu omndeni kafakazi aphumele ngaphandle komuzi ngemuva kokuzwa iphunga likaphethiloli – abe esebikela amaphoyisa.
Kuthiwa lesi sigameko senzeke e-Mukula ekuseni ngoLwesibili.
UMakhado kanye nozakwabo baboshwe ngoLwesibili kanti bavele enkantolo yemantshi yase-Thohoyandou ngoLwesine, bebhekene necala lokuzama ukubulala.
Ngesikhathi evela enkantolo, umshushisi uTovhowani Tshisaphungo ucele ukuthi icala lihlehliswe njengoba elindele ukuqokwa komshushisi ovela ngaphandle kwase-Thohoyandou, egcizelela ukushayisana kwemibono.
Uthe umsolwa wokuqala uMakhado, wayesebenza nabo kuyona le nkantolo.
Icala labo lihlehliselwe umhla ziyisithupha kuMbasa ukuze umbuso uthole izikhulu ezivela ngaphandle kwase-Thohoyandou.