Usephinde waphunyuka bemphethe owayenguMengameli uJacob Zuma

Lungani Zungu

Selihlehliselwe umhla ziyisishiyagalolunye kuya mhla ziyi-10 kuMandulo icala le-Arms Deal  ngenxa yokugula kukaZuma.

Ummeli ophethe icala lowayenguMengameli u-Advocate Dali Mpofu utshele ummeli uPiet Koen ukuthi uJacob Zuma angeke akwazi ukuba khona enkundleni yokuqulwa kwecala lakhe.

OwayenguMengameli uZuma oseqalile isigwebo sakhe sezinyanga eziyi-15, ungeniswe esibhedlela samasosha ngesonto eledlule ngemuva kokuba kuqale icala lakhe lasenkantolo.

Ummeli kaZuma uthe odokotela bamutshele ukuthi uZuma oneminyaka engama-79 udinga usizo oluphuthumayo ukuze kusimame impilo yakhe.

Akazange asivezele ukuthi uZuma uphethwe yini wathi imfihlo kadokotela nesiguli.

Ijaji uKoen ukhiphe izinqumo ezintathu:

● Icala likaZuma lenkohlakalo lihlehliselwe umhla ziyisishiyagalolunye kuyela ziyi-10 kuMandulo ngowezi-2021

● Odokotela abahlenga uZuma kumele balethe umbiko ngesimo sempilo yakhe mhla zingama-20 kuNcwaba. 

● UMbuso uzoqoka udokotela ukuba axilonge uZuma ukuze abone ukuthi usekulungele yini ukubhekana nokuqulwa kwecala lakhe enkundleni yasenkantolo.

Ummeli uWim Trengove uthe uMbuso ubusebumyameni ngempilo kaZuma.

Uthe kuyaxaka ukuthi kungani izidingo zokwelashwa zikaZuma zibambezeleke izinyanga ezingama-18 kwaze kwaba yilapho kufanele aye enkantolo.

UMbuso ubucabanga ukuthi noma yikuphi okungase kuvezwe mayelana nempilo kaZuma kumele leli cala libanjwe kwinkundla evulekile.

UZuma ubekwe icala lokuthatha lokukhwabanisa elivela kwinkampani ebizwa ngokuthi i-French-based arms thales ephethwe uThompson CFS ukuthi avikeleke uma kunophenyo ngesikhathi esizayo. Uthi akawavumi wonke lamacala abekwa wona elokwenza ubugebengu, elenkohlakalo, kanye nelokukhwabaniswa kwezimali.

UZuma ufuna umshushisi wokulawulwa kombuso uBilly Downer azikhiphe, ngoba emsola ngokuthi uchemile nokuthi usebenzisana nezinhloli zaphesheya kubalwa ne-CIA.

Bekugcwele amaphoyisa ngaphandle kwenkantolo enkulu yaseMgungundlovu. Abalandeli bakaZuma abebelindeleke ukuthi babekhona bashintshe izinhlelo ngemuva kokuba batshelwe ukuba udaba liuzobanjwa-virtually. Endaweni eyaziwa ngokuthi eyenkululeko ibingenamuntu kanti abalandeli bakaZuma bajwayele ukuhlanganela khona uma ezovela enkantolo.

Izihloko zakamuva