Usephinde wamiswa emsebenzini oweGagasi FM

Linda Ximba

Umsakazi weGagasi FM ophinde abe ngusomahlaya uFelix Hlophe umisiwe emsebenzini ngemuva kokufika sekwedlule isikhathi.

Ukumiswa kwakhe kwenzeke ngemuva kokufaka ividiyo ezinkundleni zokuxhumana enxusa abasebenzi ukuthi bamise umsebenzi baqhubeke notshwala.

Ngesikhathi kuqinisekiswa izindaba zokumiswa kwakhe ihlaya beliphezu kwakhe njengoba abantu ezinkundleni zokuxhumana bebebuka amavidiyo akhe.

Manje uHlophe onamakhono ahlukahlukene uthi ukumiswa kwakhe kuzomsiza ekutheni enze kahle namalungiselelo umcimbi wabo owaziwa ngokuthi i-100% Zulu Comedy Heritage Edition ozoba se-Golden Horse Casino eMgungundlovu ngoLwesihlanu ntambama.

Umsakazi wohlelo lwasekuseni uthembise izethameli ukuthi zizobhema zikholwe kulo mcimbi.

“Abantu kumele beze ngobuningi babo ukuze banciphise ingcindezi. Bazovele bahleke ngoba sengibalungisele izinto abangakaze bazizwe,” kusho uHlophe.

“Impela ngizosebenzisa ithuba lokumiswa kwami eGagasi ukuze nginikeze abantu umbono ohlukile ngokwenzekile ngempela.”

Kulo mcimbi kuzobe kukhona Amawele Ase-Chesterville, uMondli Mzizi, uJustice Kubheka, uNontoR noGebho nabanye osomahlaya.

Umgqugquzeli uZazi Nxele uthe: “Lo mcimbi siwuphethe njengengxenye yokugubha inyanga yaMagugu nokuletha udumo lwakudala lwamahlaya esiZulu eMgungundlovu,” kusho uNxele, wengeza ngokuthi lo mdlalo kuzongena abantu abaneminyaka engu-16 kuya phezulu  futhi amathikithi atholakala e-Computickets. Noma kwa-Shoprite Checkers.

Amasango azovulwa ngehora lesine ntambama kanti uhlelo luzoqala ngehora lesithupha ntambama.

Izihloko zakamuva