Celani Sikhakhane
Ngemuva kokuthi uBuhle evakashele isoka lakhe uMdu eThekwini, izithandani zavalelisana zase zehlukana erenki yamatekisi endawo. Babengazi ukuthi okokugcina bebonana bephila.
Isidumbu sikaBuhle Xaba satholakala sidutshuliwe ezinsukwini ezimbalwa ehlathini ngase-Newcastle, KwaZulu-Natal.
Ngemuva kokubulawa kwentombi yakhe, uMdu Ngcobo usesabela impilo yakhe. Umsolwa owabulala uBuhle wafonela umndeni wakhe wabaxwayisa ngokuthi uzolandela ngoMdu.
UMdu, ongusomabhizinisi waseThekwini, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uBuhle wayemvakashele wahamba mhlaka-29 kuZibandlela eyochitha uNcibijane nomndeni wakhe.
“Ngesikhathi engivakashele ubevele enenkinga nowayeyisoka lakhe lakudala, ebelimhlukumeza,” kuchaza uMdu.
“Waze washintsha inombolo yakhe kamakhalekhukhwini kodwa wakwazi ukumthola ngomngani wakhe.”
Uthe ubikelwe ukuthi lo owayeyisoka kusolakala ukuthi ungumnikazi wamatekisi odumile futhi uhamba emthungatha ngokusebenzisa izithombe zakhe eziku-Facebook .
“Ngiyesaba njengoba lo owayeyisoka etshele umndeni kaBuhle ukuthi uzongilanda. Ngafikela ehhotela ngizolindela umngcwabo kodwa angikwazanga nokuya emngcwabeni kaBuhle ngatshelwa ukuthi ngingayi ngoba lo osolwa ngokumbulala wayekhona nabangani bakhe futhi babehlomile,” kuchaza uMdu
UMdu uthi inhloso yakhe ukusiza umndeni wakwaXaba ukuze uthole ubulungiswa ngoBuhle.
“Angiqondi ukuthi kungani umsolwa engakaboshwa,” kusho uMdu.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Nqobile Gwala uthe kuvulwe icala lokubulala ukuze kuphenywe kanti bekungakaboshwa muntu.