Usephenduke impunga yehlathi umbukudi obalekela izimpi

Dylan Bettencourt

Umbhukudi wama-Olympic u-Aliaksandra Herasimenia wabaleka ezweni lakubo e-Belarus waya e-Ukraine ngesikhathi esaba ukushushiswa ngezombusazwe, manje sekudingeke ukuthi abaleke e-Ukraine ukuze asindise umndeni wakhe.

Lo msubathi onezindondo ezintathu zama-Olympic ubephakathi kwenqwaba yabantu emngceleni wase-Poland ababezama ukubaleka kuleliyazwe ngesikhathi amasosha ase-Russia ehlasela enhlokodolobha i-Kyiv.

UHerasimenia wayengomunye wabasubathi abambalwa base-Belarus abaphikisana nokukhethwa kabusha kuka-Alexander Lukashenko ngo-2020. Ngesikhathi izikhulu zihlose ukushushisa labo abaphikisana nesinqumo, yena nomndeni wakhe babalekela e-Ukraine.

Kodwa eminyakeni engaphansi kwemibili kamuva, uHerasimenia usephinde wazithola esengozini, kulokhu ezandleni zamasosha ase-Russia.

Ngosuku olulandela lolu i-Russia ehlasele ngalo i-Ukraine ngomhlaka-24 kuNhlolanja, lo msubathi (36) kanye nomyeni wakhe, umama kanye nengane yakhe bapakishe izikhwama zabo baqala uhambo olude lwamahora angu-12 beya emngceleni wase-Poland.

Indodakazi yabo eneminyaka emithathu ubudala ibithuswa imisindo yokuqhuma kwamabhomu ngesikhathi begijima bezama ukuphepha futhi lo msubathi kudingeke ukuthi atshele ingane yakhe ukuthi imisindo eyizwayo eyokuduma kwezulu.

“Impela bekumele ngenze okuthile ngoba uyichazela kanjani ingane ukuthi impi isiqalile?” kusho uHerasimenia etshele i-Reuters.

Lo mbhukudi manje use-Warsaw, e-Poland futhi uthe ubudlelwano bezwe lakubo noMengameli wase-Russia uVladimir Putin busho ukuthi usenesikhathi eside ebaleka.

“Labo abahambile bebengcono kakhulu emphakathini wase-Belarus,  nababephikisana nokwenzeka ngemuva kokhetho, nabakhuluma ngokumelene nodlame baveza umbono wabo,” esho.

Ubudlelwano be-Belarus ne-Russia benze ukuthi kube nokuvinjelwa kwezemidlalo okufanayo kanye nokumiswa okuhlanganisa noHerasimenia kodwa useqale imizamo yokuncintisana ezimele.

Uthe abasubathi base-Belarus bazama ukuxwayisa umhlaba ngokuthi uLukashenko uyingozi futhi ukukhethwa kwakhe kuzoholela ekusaseni elibi.

“Sicele usizo kwabase-Yurophu, abase-Melika kanye nawo wonke umuntu wase-Ukraine. Saxwayisa ngokuthi uLukashenko uyingozi kakhulu,” kusho uHerasimenia.

Umthombo wesithombe: 

Scrolla World Cup Quiz