Dylan Bettencourt
Iphoyisa elingumseshi wecala lidalule ukuthi ukubulawa kukaSenzo Meyiwa kwakuyisenzo sezinkabi hhayi ukuthi wayebanjwa inkunzi.
UMeyiwa, owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana wadutshulwa wabulawa ngowezi-2014 ekubo kamama wentombi yakhe, umlingisi ophinde abe umculi, uKelly Khumalo.
Ngemuva kweminyaka eyisikhombisa kwabulawa uMeyiwa, amaphoyisa awakwazanga ukudalula ngokugcwele isizathu sokushona kukaMeyiwa. Kwakholakala ukuthi wayebanjwa inkunzi.
Kodwa-ke, uColonel Bongani Gininda ohola uphenyo ngokushona kukaMeyiwa, ukuqinisekisile ukuthi lo nozinti wabulawa izinkabi.
“Uphenyo oluholele ekutheni kube nobufakazi ngaphansi kwesifungo, luveze ukuthi isisulu sabulawa izinkabi hhayi ukuthi wayebanjwa inkunzi wase washona ngephutha,” kubhala uGininda encwadini efungelwe eyasayinwa ngoMfumfu ngonyaka odlule.
Incwadi efungelwe yasetshenziswa ukuze kuboshwe uMnu uMuzikawukhulelwa S’Tembu Sibiya, uBongani Sandiso Ntanzi, uMthobisi Prince Mncube, uMthokoziseni Ziphozonke Maphisa kanye noSifisokuhle Sifiso Nkani Ntulo.
I-National Prosecuting Authority (i-NPA) isiwashushisile la madoda amahlanu ngecala lokubulala.
Incwadi efungelwe ayivezi nokho ukuthi ngubani owayalela ukuba kubulawe uMeyiwa noma izizathu ezenze ukuthi lo nozinti abulawe.
Omunye wabasolwa, uNtanzi, uzame ukuvuma zonke izono ngethemba lokuthola isigwebo esincane, nokuyinto eyaphikwa i-NPA, kodwa umsolwa waveza ukuthi uMncube nguyena owadubula uMeyiwa.
“Ukubandakanyeka kwalo msolwa kwachazwa kabanzi ekuvumeni icala. Kwatholakala ukuthi umsolwa uyisiboshwa esigwetshiwe, esidonsa iminyaka engama-35 ejele ngecala lokubulala elenziwa ngowezi-2014,” kwengeza incwadi efungelwe.
“Ukuhlolwa kwe-Ballistic kwaveza ukuthi isibhamu esasetshenziswa ecaleni lokubulala ummangalelwa ayedonsa isigwebo saso yiso esasetshenziswa ukubulala uSenzo Meyiwa.”
Abasolwa abahlanu ababulala baziwa njengezinkabi ezimbonini zamatekisi, kodwa njengoba i-NPA inecala eliqinile ngale ncwadi efungelwe, amathuba okuthi kube nobulungiswa ngokushona kukaMeyiwa kuzomenyezelwe maduze.
Umthombo wesithombe: @TheSouthAfrican