USenzo Mchunu uthi akudikizi ngisho inqulu ngokuyovela kwiKhomishana kaMadlanga

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli osahlabe ikhefu uMnuz Senzo Mchunu uthi akudikizi ngisho inqulu ngeKhomishana kaMadlanga ephenya ngenkohlakalo emaphoyiseni kodwa ujabulela ukuthi uzokwazi ukuveza uhlangothi lwakhe ngokukhululeka.

UMchunu ukusho lokhu ngoMgqibelo, ekhuluma kwaSokhulu, ngaseMpangeni okokuqala esidlangalaleni, nokuyilapho abethula isifundo sezigagayi zikaKhongolose okungoMnuz Samuel Msweli noMnuz Mike Mthethwa abasocongwa amaphoyisa obandlululo.

UMsweli noMthethwa babulawa ngemuva kokuba badubula indiza enophephela emhlane yamaphoyisa ngonyaka ka-1992.

Uthe akanalo noluncane uvalo futhi usejahe kabi usuku lwakhe lokuvela lufike ukuze ezokhipha konke akwaziyo nokuthinta igama lakhe.
UMchunu wazithola igama lakhe linekwa esidlangalaleni ngezinsolo zokugxambukela ekusebenzeni kwamaPhoyisa nokuhlakazwa kwethimba elaliphenya ukubulawa kosopolitiki eKZN kanye nokushaqwa kwamadokodo.

Lezi zinsolo zavezwa uMkhuzi wamaPhoyisa eKZN uLT General Nhlanhla Mkhwanazi.

“Nakuba ngingathandi ukuchaza okuningi ngoba konke sengiyokukhuluma kwiKhomishana kodwa ngingasho ukuthi ngivivile futhi ngingangabo kuleya khomishana ukuze ngizokwethula bonke ubufakazi enginabo,” usho kanje.
Uthe njengoba ezovela kuKhomishana kaMadlanga , usevelile kwi-Intergrity Committee yangaphakathi kuKhongolose ngalo loludaba oselunyakaziswe iNingizimu Afrika yonkana namazwe angaphandle ngesithunzi samaPhoyisa akuleli.

UMchunu ukusho lokhu nje sekubuye kwavela nokuthi unqgondongqondo osolwa ngokuba ubhongoza kwinkohlakalo yamathenda emaphoyiseni nasemacaleni okubulala,uSomabhizinisi uMnuz Vusimuzi Cat Matlala wasabisa uMchunu ngemuva kokuba (uMchunu) ashaya amakhala ngethenda kaR360 million ayegixabezwe yona yokuhlola amaphoyisa ngokwezigaba ezahlukene zomsebenzi okubalwa ukuba ngabe akulungele yini ukusebenza nokuya empeshenini neyayinkontileka nesibhedlela saseTembisa.

UMchunu kulindeleke ukuba avele kulamasonto ezayo phambi kwale Khomishana esungulwe uMengameli uCyril Ramaphosa.

UMchunu ubuye wahambela umndeni weNxusa lakuleli elishonele eFrance, uMnuz Nathi Mthethwa ,nalapho ebeyoduduza umndeni wakhe esigodini sakwaMbonambi.

Izihloko zakamuva