Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UNgqongqoshe wamaPhoyisa osahlabe ikhefu eliyisipesheli kuleli ngenxa yezinsolo zenkohlakalo uhlongozwa ukuthi abenguSihlalo kazwelonke kaKhongolose.
UMnuz Senzo Mchunu igama lakhe lisohlwini lwabaholi abaphakanyiselwe ukuba bakhethwe noMnuz Fikile Mbalula yena ogaqele isikhundla sokuba uMengameli olandelayo kaKhongolose.
Imithombo ithi uMchunu ubonakala engumuntu okumfanele ukuba uSihlalo nokuyisikhundla esiphethwe uMnuz Gwede Mantashe osezibeka phansi izintambo ngonyaka ozayo.
“Indaba esiyixoxayo eyokuthi uMchunu akufanele simlaxaze kanjalo nje ngoba unabalandeli esibadingayo ekuphusheni umkhankaso kaMbalula kwesobuMengameli. Ngakho ukukhetha uMchunu kungaba ukuzilimaza,,” kusho umthombo.
UMchunu ubegaqele isikhundla sokuba uMengameli kaKhongolose futhi ubethola ukwesekwa nanguMengameli ophumayo uMnuz Cyril Ramaphosa.
Kuthe umkhankaso wakhe usuqalile ukusukuma, kwavumbuka umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLT General Nhlanhla Mkhwanazi nezinsolo zenkohlakalo ayezibhekise kuMchunu ,okubalwa kuzo ukuhlakazwa kophiko olulwa nokubulawa kosopolitiki emaphoyiseni.
Ngemuva kwalokho uMchunu unikezwe ikhefu eliyisipesheli ekubeni uNgqongqoshe wamaPhoyisa.
Kuthe ngoLwezi wacela ukuba uKhongolose umnikeze ikhefu embuthweni.
