Usenkingeni uzime oqolwe umphathi wakhe

Dalphine Tagwireyi

Osemncane ongenele umqhudelwano ka-Little Miss Universe odabuka e-Zimbabwe usengozini yokuboshwa e-Dubai kanye nonina wakhe ngemuva kokuthi omphethe ehluleka ukukhokhela isikweletu sasehhotela.

UTamar Muchineuta oneminyaka eyisishiyagalolunye uwine indondo ye-Super Talent Dancer 2022 emqhudelwaneni oqhubekayo njengamanje. Kodwa yena nonina uShalom Ramunyeyiwa basatshiswe ngokuboshwa ngemuva kokwehluleka ukukhokha isikweletu sabo sehhotela. Basele dengwane endaweni yase-Al Habtoor Polo Resort e-Dubai.

Umgqugquzeli wase-w-Zimbabwe ongamele lo mncintiswano we-Little Miss Universe kusolakala ukuthi udle u-US$2 000 (R36 000) obuzokhokhela ihhotela obekuzohlala kulo uRamunyeyiwa nengane yakhe. 

“Sisesimweni esinzima futhi akubanga mnandi kuTamari ngoba sithe sifika satshelwa ukuthi sekubhukhiwe, kodwa akukho mali ekhokhiwe mayelana nokubhukha,” kusho uRamunyeyiwa.

Uthe uthukile njengoba esekhokhe u-R36 000 (US$2 000) kwipromotha uMercy Mushaninga othe uma ebuzwa ngalokhu wazenza sengathi akazi lutho.

“Naphezu kwesimo esidabukisayo uTamar usaqhubeka nokumamatheka kanti ngoMgqibelo wawina emkhakheni we-Super Talent Dance kulo mqhudelwano.”

“Kuyinto eyodwa ukuqola abantu, kodwa ukubeka ingane osizini akulungile futhi uma sihluleka ukuhlanganisa imali ngomhlaka-31 kuMfumfu ngeshwa sizoboshwa.”

Njengoba uMishaninga esolwa ngokuqola uTamar nonina abase-Dubai ezinye izingane ezine nabazali bazo bahlulekile ukuya kulo mqhudelwano.

Omunye umzali ocele ukungadalulwa uthe “Savakashela amahhovisi ephromotha ngo-24 kuMfumfu safike satshelwa ukuthi ama-visa ethu abengakaphumi futhi kwasimangalisa lokho. Kodwa njengoba sizwa ngenkinga kaTamari nonina ababhekene nayo sabona ukuthi sikhohlisiwe futhi sabikela amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa e-Zimbabwe Republic Police (ZRP) kuzwelonke ongimsizi ka-Commissioner uPaul Nyathi uthe uMushaninga waboshwa ngomhlaka-26 kuMfumfu wathweswa icala lokukhwabanisa imali efika ku-R180 000 (US$10 000).

Uvele eNkantolo yeMantshi yase-Harare okuyilapho egcinwe khona esitokisini.

Isithombe esingenhla esaTamar Muchineuta ongenele umncintiswano ka-Little Miss Universe 

Umthombo wesithombe: Tamar Muchineuta facebook page

Izihloko zakamuva