
Dylan Bettencourt
Ngemuva kokuhlolwa kwatholakala ukuthi unento okungamele ayisebenzise egazini, uKamila Valieva oneminyaka engu-15 ubudala ungumdlali wama-olympics omncane kunabo bonke oseke watholakala nezidakamizwa egazini.
Nakuba esemncane ebukeka ezothile ngesikhathi eziqeqesha ngeSonto, kanti i-Court of Arbitration for Sport (Cas) izothatha isinqumo ngekusasa lalo msubathi ngoMsombuluko. UValieva uhlolwe ukuthi usebenzise isidakamizwa senhliziyo esingafuneki kulo mqhudelwano kazwelonke ngoZibandlela odlule. Kodwa ngenxa yokuthi kuthathe isikhathi esingaphezu kwamasonto ayisithupha ukumazisa ngaloludaba, wavunyelwa ukuba angenele umncintiswano e-Beijing.
Ngenxa yokuthi lo msubathi odlala i-Skater usemncane, kuphakame imibuzo ngeqembu lakhe. Ithimba labasubathi liyaphenywa ngalesi sigameko.
Owake wadlala ama-Skater kuma-olimpiki u-Adam Rippon uthe ngabe lo msubathi ubazi yini ukuthi izidakamizwa ayezisebenzisa ngaphambi kwemidlalo.
“Abadala abaseduze kwakhe ibona abanecala. UValieva uneminyaka engu-15. Ngiyangabaza kakhulu ukuthi wasebenzisa izidakamizwa ngamabomu.
Uyingane okusho ukuthi abantu abadala bahlulekile ukumtshela ngokuphelele, ” kusho uRippon etshela i-NPR.
I-Russia idume kabi ngokusetshenziswa kwezidakamizwa ikakhulukazi ngabadlali bama-olympics. Ngonyaka ka-2019 i-World Anti-Doping Agency (Wada) yavimbela izwe kuyo yonke imiqhudelwano yamazwe ngamazwe. Eminyakeni emithathu nje kamuva, izwe libhekene nelinye ihlazo lokusebenzisa izidakamizwa.
Abasubathi abamele i-Russia kodwa baqhudelana ngaphansi kwe-Russian Olympic Committee (ROC).
Umqeqeshi kaValieva ophikisana kakhulu no-Eteri Tutberdize uthe umgijimi wakhe uhlanzekile kodwa wavuma ukuthi lesi yisimo esinzima.
“Nginesiqiniseko ukuthi uKamila umsulwa futhi uhlanzekile. Sinabo ezinkingeni nasenjabulweni, kuze kube sekugcineni,” kusho yena.
UValieva ube nesiqalo esihle kulo mqhudelwano, lapho eba ngowesifazane wokuqala ukwenza i-quad jump enzima emidlalweni ukuze awine indondo yegolide yokuqala kuma-olimpiki.
Kodwa ukuhlala kwakhe kwimdlalo yase-Beijing kungase kume ngesinqumo se-Cas ngoMsombuluko.
Umthombo wesithombe: @NewYorkPost